UKAPUTENI weqembu lesizwe lebhola lombhoxo labesilisa, uSiya Kolisi, uthi nakuba eziqhenya ngendlela iqembu elidlale ngayo emdlalweni wokugcina wokungcweka neNew Zealand kodwa lokhu ngeke kusho lutho eNdebeni yoMhlaba uma bengaqhubeki nokusebenza kanzima.
AmaBhokobhoko abhaxabule ama-All Blacks ngo 35-7 eTwickenham ngoLwesihlanu ebusuku, emdlalweni abewuphethe kusukela uqala waze wayophela.
Ama-All Blacks ahlulekile ukumelana namandla eqembu lakuleli agcina enze amaphutha aholele ekutheni kube nenqwaba yamaphenathi.
Abadlali bawo ababili bathole amakhadi aphuzi, uScott Barrett wagcina ekhishwe ngelibomvu ngesikhathi ethola elesibili eliphuzi.
Kulo mdlalo amaBhokobhoko ashaye ama-try amahlanu, kwathi iNew Zealand yashaya eyodwa. UKolisi, oshaye i-try yokuqala, uthe bafunde lukhulu abangukusebenzisa eNdebeni yoMhlaba ezoqala ngoSepthemba 8, eFrance.
“Ngicabanga ukuthi sikwazile ukwenza zonke izinto ebesifuna ukuzenza kulo mdlalo, sathola izimpendulo eziningi kodwa saphinde samosha inqwaba yamathuba enkundleni. Uma singawasebenzisi amathuba ethu eNdebeni yoMhlaba, angiboni ukuthi sizophumelela,” kusho uKolisi.
“Indlela esidlale ngayo, esilwe ngayo nendlela esiziphathe ngayo esiwombeni sokuqala ibiyinhle kakhulu. Ziningi izinto esizozithatha kodwa lo mphumela awusho lutho ngeNdebe yoMhlaba.”
Umqeqeshi wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber, uthe: “Kuhle ukwakha umfutho. Bekusobala ukuthi ngemuva komdlalo neNew Zealand (kwiRugby Championship), bekumele silungise izinto ezimbalwa bese senza izinhlelo ezintsha.
“Abadlali bafike neziphakamiso ezinhle, kanjalo nabaqeqeshi, sathola izixazululo. Ezinye zazo zisebenzile, ezinye zangasebenza kodwa asizange sithole nelilodwa iphuzu leNdebe yoMhlaba ngokunqoba lo mdlalo.
“Ngicabanga ukuthi iNew Zealand izizwa ngendlela efanayo. Okwenzekile sekudlulile. Bekuyithuba elihle lokulungiselela iNdebe yoMhlaba.”
AmaBhokobhoko azohlala isonto ezilolonga esiqhingini esiyingxenye yeFrance, iCorsica, ngaphambi kokudlulela eToulon ngeSonto. Umdlalo wawo wokuvula eyoMhlaba ungoSepthemba 10 neScotland kuGroup A.