AMABHOKOBHOKO aphinde abugqamisa ubuhle beNingizimu Afrika ayephupha ngayo umengameli wezwe wokuqala webala elimnyama, uNelson Mandela, lapho zonke izinhlanga zihlangene khona ngesifiso sokubona iqembu lesizwe liba ngompetha bomhlaba.
UMandela wayehlezi eshumayela indaba ye-Rainbow Nation.
Leli qembu lesizwe lebhola lombhoxo, lithe linganqoba ngo 12-11 kwiNew Zealand kowamanqamu, eParis, eFrance ngoMgqibelo ebusuku, cishe bonke abantu baseNingizimu Afrika, bazikhohlwa okwesikhashana izinkinga ababhekene nazo ngokwahlukana kwempilo yabo. Ezinkundleni zokuxhumana, abantu bebefaka ama-video nezithombe, kuchwaza lapho bebehlangene khona ukuzobukela lo mdlalo. Abantu bebebangana, kuduma amakhwela emiphakathini ehlukene, kuqhuma phezulu imikikizo.
Ubumbano lwabantu baseNingizimu Afrika buqale ukugqama ngaphambi kowamanqamu, kwesekwa futhi kuvikelwa umdlali wamaBoks, uBongi Mbonambi, obesolwa ngokucwasa ngokwebala, uTom Curry, wase-England, ngesikhathi bedlala kowandulela owamanqamu. Abantu baseNingizimu Afrika bebesho ngazwi linye ukuthi amampunge lawo ashiwo ngoMbonambi.
Ukunqoba kwamaBhokobhoko le ndebe, kuphinde kwakhombisa ukuthi leli qembu lesizwe, kuseyilona ithuluzi elikwazi ukuhlanganisa zonke izinhlanga zaseMzansi.
Nakuba bekungokwesine AmaBhokobhoko ekhonya emhlabeni kodwa kuqaphelekile kulokhu ukuthi belilikhulu kakhulu isasasa kunangesikhathi enqoba eJapan, ngo-2019.
Ama-video asabalale ezinkundleni zokuxhumana emuva kokuphela komdlalo abedweba isithombe sabantu baseMzansi asebekhohliwe ngisho ukuthi baphila ezweni lapho ugesi obuye unqanyulwe khona. Abaphila ezweni lapho uphethroli umba khona eqolo, ingasakhulunywa ayokudla okubiza imali exegisa amadolo.
Bebebodwa abebekhethe ukuhlala nemindeni bayibuke ekhaya kwithelevishini, abanye bebephume nabangani besezindaweni zokuzithokozisa (obekucaca nakhona ukuthi lolu suku beluhlelelwe) kanti kukhona nabebedele imvula bebhiyoza emigwaqweni kanjalo nasezindaweni zokubuka lo mdlalo ebezihleliwe (fan park), ebezisabalele iNingizimu Afrika yonke.
“Ngeke ukubone lokhu eMelika,” kusho u-@Pty_Ltd_ ekhasini lakhe le-Twitter kuhambisana ne-video yabantu bezinhlanga ezahlukene bebedlubhe umfaniswano wamaBhokobhoko bebhiyoza ngokukotela iveni yamaphoyisa abanye bemi phezu kwayo ihamba.
“Akulula ukuqonda ukuthi kusho ukuthini ukudla lesi sicoco uma ungeyena owaseNingizimu Afrika,” usho kanje ukaputeni uSiya Kolisi, emuva komdlalo.
Bakhombise ukukuthakasela lokhu abaseMzansi ezinkundleni zokuxhumana ngoba izinkulungwane ziyiphanyeke ngokushesha le nkulumo kaKolisi.