UYACHICHIMA yinjabulo uKhanyisani "Game Changer" Mbokazi, oyibhokisa lasesigodini eNembe, eMandeni, egixatshezwa okokuqala ngempi yebhande lase-Afrika.
UMbokazi (25) uzoqhuthana amazeze noLucky Monyebane waseGauteng kweyebhande elingaphethwe muntu le-ABU Junior Lightweight.
Le mpi iyingxenye yemiqhudelwano ehlelwa yiTLB Boxing Promotions engoSepthemba 30 eVodaWorld, eMidrand, eGauteng. Ngayo kuhloswe ukuhlonipha uLehlohonolo "Hands of Stone" Ledwaba odlule emhlabeni ngo-2021.
Ngo-2 ntambama kuzoqala umqhudelwano wabesifazane obizwa ngeRise of Women in Boxing bese ngo-6 kuqale owabesilisa.
ULedwaba, obedabuka eMeadowlands, wazakhela udumo evikela i-IBF Super Bantamweight amahlandla amahlanu. Wabuye wavikela elikazwelonke leSuper Bantamweight ngesibalo esifanayo. Ele-WBU waliphatha kwiBantamweight nakwiFeatherweight.
Ngaphambi kokugaxa amagilavu emgibeni, wanqoba iWBA Pan African Super Featherweight.
UMbokazi uthe kusho lukhulu kuye ukuboshelwa kulezi zimpi okuhloswe ngazo ukuhlonipha uLedwaba ambize ngeqhawe.
"Yingakho ngingeke ngivume ukushaywa nguMonyebane. Kimi kuzosho lukhulu ukunqoba lesi sicoco se-ABU emqhudelwaneni wezinga eliphezulu ofana nalo. Ngiyasazi ukuthi isitha sami siyibhokisa elihlakaniphile kodwa nethimba lami engijima nalo kuningi okungamaphutha esesikubone kuso. Noma kanjani leli bhande ngibuyela nalo eMpangeni. Angikugqizi qakala ukuthi kuzoba ngokokuqala ngilwela ibhande lomhlaba. Lesi yisiqalo sokufeza amaphupho ami. Ngizibona ngelinye ilanga ngiphethe elinye lamabhande ahlonishwa umhlaba wonke," kubeka uMbokazi.
Lo mshayisibhakela uveze ukuthi akanamqeqeshi njengoba engasekho kuSolomon "Xamukavinjelwa" Ndlovu.
Uthe njengamanje usizwa nguSihle Mathenjwa athe kade aqala ukusebenza naye.
UMbokazi ugcine ukuba seringini ngoFebhuwari, evikela ngempumelelo isicoco seKZN Junior Lightweight kuSandile Dumisa emqhudelwaneni weHlula Dladla Boxing Promotions. Ezimpini eziyisishiyagalolunye unqobe ezine, wahlulwa kweziyisibalo esifanayo, wadlala ngokulingana kweyodwa. UMonyebane ushaya ngesipiliyoni sezimpi eziningi. Unqobe eziyishumi, wahlulwa kwezintathu. Uzinqobe zonke izimpi ezinhlanu agcine ukuzilwa. Kweyokugcina ushaye uThembani Hobyani waseLimpopo.