UPHINDE wabiza abanye abadlali abasha umqeqeshi weqembu lesizwe lakuleli lebhola lombhoxo uRassie Erasmus ngesikhathi eqoka iqembu elizodlala imidlalo emithathu ekhaya ngenyanga ezayo.
AmaBhokobhoko azoqala imidlalo yasekahaya ngemidlalo emibili ebhekwe ngabomvu ne-Ireland. Owokuqala uzodlalelwa eLoftus Versfeld ngoJulayi 6, owesibili udlalelwe eHollywoodbets Kings Park, eThekwini, ngoJulayi 13.
Iqembu lakuleli lizobe selibhekana nePortugal eToyota Stadium eBloemfontein, ngoJulayi 20, ngaphambi kokuqala umqhudelwano iRugby Championship ngo-Agasti.
Abadlali abangakaze bawadlalele amaBhokobhoko ababiziwe nguPhendulani Buthelezi weHollywoodbets Sharks, uMonre van der Berg we-Emirates Lions, abeVodacom Bulls uJohan Grobbelaar noJan-Hendrik Wessels.
Phezu kwalokho, abadlali abathathu abebeqala ukudlalela iqembu lesizwe ngesikhathi linqoba iWales kwiQatar Airways Cup ngoMgqibelo; u-Sacha Feinberg-Mngomezulu, Edwill van der Merwe noBen-Jason Dixon, baphinde babizwa.
Kubuye nabadlali abebelimele, uCheslin Kolbe noLukhanyo Am, nabaphuma emaqenjini aphesheya okubalwa kubona ukaputeni uSiya Kolsi, Handre Pollard, Jasper Wiese, RG Snyman nabanye.
Bayisithupha abangakhwethwanga ngenxa yokulimala, okunguSteven Kitshoff, Jean Kleyn, Lood de Jager, Cameron Hanekom, Jaden Hendrikse, Henco van Wyk, Canan Moodie noDamian Willemse.
“Sikhethe iqembu eliqinile esilibona liyilungele le midlalo yasekhaya. Njengoba ukwandisa isibalo sabadlali esingakhetha kubona. Sibone kungcono ukuthi simeme abadlali abaningi abazolokhu bezilolonga neqembu ngezikhathi ezehlukene,” kusho e-Erasmus.
“Ngeshwa kunabadlali abalimele kodwa izinhlelo zethu zokunika abadlali abehlukene amathuba ngesikhathi silungiselela iNdebe yoMhlaba ka-2023 yizona ezenza ukuthi zingasixaki izimo esibhekana nazo.
“Siyakuthokozela ukubuya kwabadlali abazinze phesheya nalaba abaqhamuka kwiVodacom Bulls futhi silindele ukuthi bafike nolwazi nesipiliyoni njengoba abanye babo babekhona ngesikhathi sinqoba iNdebe yoMhlaba.”
Isikwati samaBhokobhoko esizobhekana ne-Ireland nePortugal:
Abaphambili: Phepsi Buthelezi, Eben Etzebeth, Bongi Mbonambi, Ox Nche, Trevor Nyakane, (Hollywoodbets Sharks), Ben-Jason Dixon, Frans malherbe, Salmaan Moerat, Evan Roos (DHL Stormers), Pieter-Steph du Toit (Toyota Verblitz), Thomas du Toit (Bath), Johan Grobbelaar, Gerhard Steenekamp, Marco van Staden, Jan-Hendrik Wessels (Vodacom Bulls), Siya Kolisi (Racing 92), Malcolm Marx (Kubota Spears), Franco Mostert (Honda Heat), Kwagga Smith (Blu Revs), RG Snyman (Leinster), Jasper Wiese (Leicester Tigers).
Abasemuva: Lukhanyo Am, Andre Esterhuizen, Aphelele Fassi, Makazole Mapimpi, Grant Williams (Hollywoodbets Sharks), Kurt-Lee Arendse, Willie Le Roux (Vodacom Bulls), Damian de Allende (Wild Knights), Faf de Klerk, Jesse Kriel (Canon Eagles), Sacha Feinberg-Mngomezulu, Manie Libbok (DHL Stormers), Cheslin Kolbe (Suntory Sungoliath), Handre Pollard (Leicester Tigers), Cobus Reinach (Montpellier), Morne van den Berg, Edwill van der Merwe (Emirates Lions).
Abazovala izikhala zabalimele:
Phambili: Jean-Luc du Preez (Sale Sharks), Joseph Dweba, Neethling Fouche (both DHL Stormers), Celimpilo Gumede, Elrigh Louw, Wilco Louw (Vodacom Bulls), Ntuthuko Mchunu (Hollywoodbets Sharks), Ruben van Heerden (DHL Stormers), Andre-Hugo Venter (DHL Stormers).
Emuva: Suleiman Hartzenberg (DHL Stormers), Jordan Hendrikse (Emirates Lions), Ethan Hooker (Hollywoodbets Sharks), Quan Horn (Emirates Lions), Siya Masuku (Hollywoodbets Sharks).