UKUBALULEKA kokusekwa imindeni nokuyiqhakambisa ngezinye zezinto ezigqame ngabadlali beqembu lesizwe lebhola lombhoxo lakuleli, eliqophe umlando liphakamisa iNdebe yoMhlaba ihlandla lesine, eFrance ngeSonto eledlule.
Ngemuva kokukhala kwempempe yokuqeda umdlalo wamanqamu benqoba iNew Zealand ngo 12-11 eStade de France, eParis, ngaphandle kwenjabulo ebisobala kubadlali bakuleli, okunye okuvelile ezithombeni nakuma-video obekufakwa ezinkundleni zokuxhumana, kube yimindeni yabadlali, amakhosikazi, izingoduso nezingane, abebegcwele enkundleni bebungaza nabo impumelelo yabo.
Ukaputeni weqembu lesizwe, amaBhokobhoko, uSiya Kolisi, uke wakuveza kwezinye izinkulumo zakhe ukuthi bekusemqoka kangakanani kubona ukuthi abaphathi beqembu bavumele imindeni yabo ehhotela abebehleli kulona kula masonto amahlanu beyibambe kulo mqhudelwano obunzima.
“Abaqeqeshi benze kwaba lula ukuthi sibendawonye nemindeni yethu, noma ngabe sikuphi. Besizizwa sengathi sisemakhaya ngaso sonke isikhathi uma sibuyela ehhotela ngenxa yokuthi izingane zethu nemindeni yethu ibikhona. Ehhotela bekugijima izingane ezingu-15 kuya ku-20, nobekusisiza ukuthi sidlule ezinsukwini ezinzima. Ngenye yezinto ezinkulu kakhulu abasenzele zona,” uKolisi uphawule kanje ngemuva kokuthi benqobe ama-All Blacks kowamanqamu.
Esinye sezilomo eqenjini lesizwe, uCheslin Kolbe, sibalule inkosikazi yaso, uLayla, siyibonga ngokumeseka kanjalo nokukholelwa ekutheni yena nozakwabo bazokwazi ukulwa bayivikela ngempumelelo le ndebe abayinqoba nango-2019, eJapan.
UKolbe ubhale ekhasini lakhe lika-Instagram ebonga umkakhe ngokuma nabo ngomkhuleko, kusukela ekuqaleni kwaze kwaba wukuthi liyafezeka iphupho labo lokubuya nendebe.
"Uma ukukhuluma kuyenzeka ngegama loMninimandla. Babe (eteketisa umkakhe), kungenxa yakho ukuthi siyilokhu esiyikho namuhla. Bengibheka izinto ozifakayo (ku-Instagram), ngalibona ithemba obunalo kwaze kwabe kuyafezeka obekubekiwe. UCayden (esho indodana yabo encane), ingane yethu yaseToulon (eFrance) kuzona zonke izikhathi ezinzima esidlule kuzona. Ubulokhu unethemba ngempumelelo yeNdebe yoMhlaba kukhona bonke ubunzima esidlule kubona. Ukukholwa kwakho nemithandazo yakho bekusikhuthaza, kwasenza saqina. Oyikho kungaphezu kokuba yisimanga, ngiyabonga futhi ngiyakuthanda. Kubona bonke abangani abagcine befana nomndeni eToulon, nani siyanithanda futhi siyabonga,” kubhala uCheslin.
Ukhuluma kanjena nje, ubedlalela amaqembu amabili aseFrance ngaphambi kokuthi asayine kwiTokyo Sungoliath kulo nyaka. Uqale kwiToulouse ayijoyine esuka kumaStormers ngo-2017, neToulon afike kuyona ngo-2021.
UKolisi naye kulindeleke ukuthi ahambe nomndeni wakhe, umkakhe uRachel, izingane zabo uJonathan noKeziah balubangise eFrance njengoba esoyodlalela elinye lamaqembu akhona iRacing 92.
Omunye umdlali wakuleli oyibamba kuleli qembu nguTrevor Nyakane ofike kulona nyakenye esuka kumaBlue Bulls. ENdebeni yoMhlaba ubexhaswe ngumkakhe uGavaza nendodakazi yabo uSkylar.
Baningi abanye abadlali abebehambe namakhosikazi, izingoduso nezingane zabo njengoba Deon Fourie, Bongi Mbonambi, Faf de Klerk, Steven Kitshoff, Duane Vermeulen, Mannie Libbok, nabanye.
AmaBhokobhoko ngoMgqibelo abe nomjikelezo wokubungaza ukunqoba kwawo iNdebe yoMhlaba nabantu baseThekwini. Uhambo lwawo luqale eMhlanga, lwadlulela KwaMashu, lwaya edolobheni eCity Hall bese lwaphelela eMoses Mabhida Stadium.