KUSUKUMISE phansi iziphathimandla ukwanda kwezigameko azokushayiswa kwabantu yizitimela KwaZulu-Natal.
Ngesikhathi sesiphithiphithi sasekuseni nantambama kuqhutshwe umkhankaso oqwashisa ngokuphepha ezitimeleni nasemizileni yazo esiteshini saseThornwood, eMariannhill ngoLwesibili.
Inhloko yezokuxhumana kwi-Railway Safety Regulator, uNkk Madelein Williams, idalule ukuthi onyakeni u-2023/24 kubikwe izigameko zokushayiswa kwabantu yizitimela ezingu-325.
Kulesi isibalo uthe kubikwe nokuthi zibulale abangu-47.
UNkk Williams uphinde waveza ukuthi yilezi zibalo eziphezulu eziholele ekutheni kulethwe umkhankaso kulesi sifundazwe.
Lo mkhankaso wezokuphepha ubuqhutshwa ngokubambisana kwabe-Railway Safety Regulator, Passenger Rail Agency of South Africa (Prasa), Transnet Rail Infrastructure Manager noMnyango wezokuThutha.
Bakhulume nabashayeli nabahamba ngezinyawo abawela emizileni yezitimela
Isikhulu sakwaPrasa KwaZulu-Natal, uMnuz Tusani Luthuli sithe: “Ukuphepha ezitimeleni kudinga ukubambisana. Inhlosongqangi yethu wukufundisa imiphakathi ngobungozi bokuwela kojantshi besitimela. Siphinde sigqugquzele ukuphepha ezitimeleni nalapho kuwelwa khona.”
Ube esenxenxa abashayeli, abahamba ngezinyawo nemiphakathi eyakhele imizila yezitimela ukuthi ngaso sonke isikhathi kufanele baqiniseke ukuthi bayama, baqalaze, balalele ukuthi kawukho yini umsindo wesitimela ngaphambi kokuwela kujantshi.
“Ungazami ukuwela kujantshi uma sekuqhamuka isitimela. Hlala uqaphile futhi ugweme into engakuphazamisa njengokufaka ama-headphone eduzane kukajantshi. Landela imithetho nezimpawu eziteshini zezitimela nalapho kuwelwa khona, “ kusho uLuthuli.