ZIBHEKENE nengwadla ezinye izikole zaKwaZulu-Natal, kwabhimba izinhlelo zokuhlolwa kwabafundi bakaGrade 8 kuya kwaGrade 11.
Kushube isimo ezikoleni ezehlukene ngesikhathi inyunyana yothisha iSadtu, iqhuba umbhikisho wokuhudula izinyawo.
Imiyalezo ebithunyelelwa abazali iphuma ezikoleni ezehlukene eMlaza, ePinetown nakwezinye izindawo, beyithi mabagcine abafundi emakhaya ngoba okwamanje ngeke zibhalwe izivivinyo ngenxa yombhikisho weSadtu.
Izivivinyo zika-matric ziyaqhubeka kaziphazamisekile ngoba inyunyana yayalela ukuthi zingaphazanyiswa.
ISadtu ikhala ngokungafakwa kwemali yezikole eyaziwa ngama-norms and standards, ukungaqashwa kothisha ngemva kokuthi uMnyango wezeMfundo uthembise ukuqasha abakwaGrade R, ukungayifaki imali engu-1.5% owuchatha emiholweni yothisha, ezokuphepha nokungavalwa kwezikhala zabasemalivini okugula.
Unobhala weSadtu uNksz Nomarashiya Caluza, uthe emhlanganweni ababe nawo nomnyango, akukho okuphathekayo okwavela ngaphandle kokuchaza izizathu ezenza ukuthi imali ingafakwa.
Uthe izikhulu zomnyango zibatshele ukuthi umnyango kaMgcinimafa uthembise ukufaka imali ngesonto elizayo.
“Sifuna umnyango wazi ukuthi izikhalazo zethu ziyaphuthuma. Akukho mali yokuthi kugaywe amaphepha, umnyango awuyifakanga imali. Siyathanda ukuthi kubhalwe izivivinyo kodwa ngaphansi kwalesi sokushoda kwemali yokuthenga izinsiza ngeke zibhalwe.”
Uqhube wathi bahambisa uhlu emashini ababa nayo ngenyanga edlule lapho umnyango bawuchazela ukuthi uma kushaya isikhathi esithile ungazilungisanga izikhalazo zabo, kuzoshuba.
Unobhala weNational Association of School Governing Bodies (NASGB) esifundazweni, uMnuz Bongumusa Mnguni, uthe bayaweseka umbhikisho weSadtu ngoba bayazazi izinkinga futhi bayazwelana nothisha.
Uthe banezikhalazo abazihambisa emnyangweni okumanje azikaphendulwa.
“Siyaweseka umnyakazo weSadtu ngezikhalazo esizaziyo le nyunyana esibikele ngazo. Ezinye zazo yizinto kwathina esihlala sikhala ngazo siyizigungu zabazali ezikoleni. Sethemba ukuthi uma isifakiwe imali njengokwesithembiso, iSadtu izozibhalisa izivivinyo ngaphambi kokuphela konyaka.”
Uthe bazonxenxa inyunyana ukuthi yakhe uhlelo lokuthi kubhalwe ukuze abafundi bavale sebazi ngekusasa labo.
UNgqongqoshe womnyango uNkk Mbali Frazer, nenhloko uMnuz Nkosinathi Ngcobo, bahlale bekhala ngokungabi namali komnyango.
Esitatimendini esikhishwe emuva kokuhlangana neSadtu, baveze ukuthi bayaxhumana noMgcinimafa ukuze kutholakale isixazululo. Bathembise nokuthi izongena ngoLwesithathu ozayo imali yezikole nokuthi bazothola u-1.5% wabo ngoDisemba 15.
Okhulumela umnyango uMnuz Muzi Mahlambi, uthe bayaqhubeka nokuhlangana nezinyunyana zothisha kuleli sonto wathi kusasa bazobe sebekwazi ukukhipha isitatimende esiphelele ngomkhombandlela kwabezindaba.