Intatheli yeSolezwe ngeMpelasonto
UNGQONGQOSHE wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNkk Lindiwe Zulu, uthi amaqembu awabeke eceleni ipolitiki asukumele indaba yokukhulelwa kwezingane ezincane. UNgqongqoshe uthe izwe lisehlazweni nonyaka njengoba kukhulelwe amantombazane angu-90 000.
Uchaza isibalo njengesishayisa amahloni yingakho ethi awunqandwe umlilo obukeka usha ubuhanguhangu.
I-Multi-Party Women’s Caucus, yethule umbiko ePhalamende lapho amalungu esale ekhexile. Yilapho ungqongqoshe ekhomoze khona amanye amalungu ukuthi alekelele kulungiswe le nkinga. Uthe lolu daba ngeke luyekelwe emnyangweni owodwa noma ohlakeni thizeni kodwa lufuna wonke umuntu.
UNkk Zulu uthe lokhu akwamukeleki futhi kufanele kube nekhambi lokukuvimba ngokukhulu ukushesha.
“Ikhokhasi yethu yabantu besifazane ePhalamende ihlanganiswe abantu bamaqembu ehlukene kodwa kufanele sikubeke eceleni lokho sisebenze lolu daba,’’ kunxusa ungqongqoshe.
UNksz Zandile Majozi we-IFP, uthe ngeke bahlale basonge izandla izwe libhubha. Uthe kufanele kubanjiswane kuliwe nokukhulelwa kwezingane.
Embikweni kuvele ukuthi kukhona izingane ezingu-2 328 ezineminyaka engu-10 kuya ku-14 ezikhulelwe. Kuphinde kuvele ukuthi zikhona nezingu-88 122 (???)
UNkk Jane Mananiso we-ANC, uthe kufanele asondele amaphoyisa alekelele kule nkinga ngoba kukhona izingane ezincane ezikhuleliswa ngamadoda amadala, nokuyicala lobugebengu.
Kugcizelelwe ukuthi amadoda amadala agila le mikhuba kufanele athathelwe izinyathelo zomthetho eziqinile. Uhulumeni uzame kakhulu ukuba nenzinhlelo zokuvimba ukukhulelwa kwamantombazane asemancane afunda isikole kodwa kunhlanga zimuka nomoya.