OWAYENGUMENGAMELI, uMnuz uJacob Zuma, uyakuchitha ukuthi unezinhloso zokuketula uMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa.
UZuma ukuphikile ukuthi inhloso yecala lapho ezishushisela khona uRamaphosa kwakungukuvimba umengameli angakwazi ukungenela umbango wezikhundla engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC.
Ukusho lokhu emaphepheni asenkantolo lapho ephendula khona isicelo sikaRamaphosa, ofuna ukuba inkantolo ichithe icala alifakile.
UZuma kanye noRamaphosa babambene ngezihluthu empini yezomthetho.
Le mpi iqalwe uZuma omangelele uRamaphosa emsola ngokuba ingxenye yokwephulwa komthetho ecaleni lapho ezishushisela khona mathupha umshushisi omkhulu ecaleni lakhe lenkohlakalo, u-Advocate Billy Downer, nentatheli yeziko lezindaba elibika ngesiNgisi.
Kuleli cala elithethwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, uZuma usola uDowner ngokuputshuzela intatheli ulwazi oluyimfihlo ngempilo yakhe.Usola uRamaphosa ngokungathathi zinyathelo ngesikhathi embikela ngokuphula kukaDowner umthetho.
Ngokwamasamanisi, uRamaphosa kufanele ayoziphendulela ngalokhu eNkantolo eNkulu ePitoli, ngesonto elizayo.
Emva kokuthunyelwa amasamanisi, uRamaphosa ube esenikela enkantolo efanayo, efuna ukuthi kuchithwe isicelo sikaZuma.
Emaphepheni asenkantolo, uRamaphosa uthi isicelo sikaZuma siyimizamo yokumketula, wathi inhloso yaso bekungukumvimba ukuthi angenele umbango wezikhundla engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC ebingonyaka owedlule.
Isicelo sikaZuma sifakwe ngosuku olwandulela ukuqala kwale ngqungquthela lapho uRamaphosa athola ihlandla lesibili lokuhola i-ANC.
I-ANC inomthetho othi bonke abaholi ababhekene namcala kufanele bashenxe ezikhundleni, uphinde ubanqande ukuthi bangenele umjaho wezikhundla.
UZuma ukuphikile ukuthi inhloso yakhe bekungukuthi avimbe uRamaphosa ukuthi angenele umbango wezikhundla.
“Inhloso yami ukubona uRamaphosa eshushiswa futhi ejeziswa. Imina engiwumgilwa la, kwaphulwa amalungelo ami. Ngakho ngingathanda ukubona bonke labo ababa ingxenye yokuphulwa komthetho bebhekana nengalo yomthetho.”
Ukusho lokhu emaphepheni asenkantolo lapho ephendula isicelo sikaRamaphosa.URamaphosa uphinde wakhala ngokuthi ukuvela enkantolo kungathunaza isithunzi sehhovisi lakhe. Kepha lokhu uZuma ukuhlabile, wathi uRamaphosa uzenza ngcono.
“Uzibona engathinteki futhi ucabanga ukuthi labo ababhekana naye bazama ukuphazamisa ukusebenza kwezwe.”
UZuma uyaqhubeka nezinhloso zokushushisa uRamaphosa yize inhlangano yezokushushisa, iNational Prosecuting Authority, yathi isitifiketi eyamnikeza sona ukuba azishushisele uDowner asimbali uRamaphosa.