UMNUZ Jacob Zuma usekuqinisekisile ukuthi uzowungenela umbango wesikhundla engqungqutheleni yokukhetha ubuholi be-ANC ezokuba ngoDisemba, uma amagatsha enhlangano ephakamisa igama lakhe.
Ukusho lokhu esitatimendeni asikhiphe ngoLwesibili entathakusa.
Isitatimende sakhe silandelwe ngukuthi i-ANC KwaZulu-Natal iqinisekise ukuthi yona yeseka ilungu lesigungu esiphezulu kwi-ANC, uDkt Zweli Mkhize, ukuthi lihole i-ANC.
NgoLwesibili unobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo, uthe isinqumo sithathwe emhlanganweni wesigungu esiphezulu obanjwe emva kokuthola izincomo emagatsheni e-ANC esifundazweni.
Uthe iningi lamagatsha liphakamise igama likaMkhize, kwathi elikaMnuz Paul Mashatile, laphakanyiswa kwesephini likamengameli.
Amagatsha e-ANC KwaZulu-Natal aphakamise igama likaMnuz Phumulo Masualle kwesikanobhala, noMnuz Stanley Mathabatha kwesikasihlalo kazwelonke.
Kunamalungu e-ANC afuna ukuthi uZuma angenele umbango wesikhundla sikasihlalo kazwelonke.
UZuma uthe kunamalungu enhlangano amcele ukuthi angenele umjaho wesikhundla engqungqutheleni yangoDisemba.
"Ngikubeke kwacaca ukuthi ngizolawulwa okushiwo ngamagatsha ngalesi sicelo sabo. Ngeke nginqabe uma amagatsha ebona kungifanele ukuthi ngiphinde ngiphathe isikhundla esibalulekile kwi-ANC."
UZuma uphinde waveza ukuthi weseka bani embangweni wokuhola i-ANC kule ngqungquthela ebhekwe ngabomvu.
Yize engazange ambize ngegama kepha isitatimende sikaZuma sikhombisa ukuthi weseka ilungu lesigungu esiphezulu enhlanganweni, uDkt Nkosazana Dlamini Zuma, embangweni.
Esitatimendeni uZuma uthe akakaguquki ekwesekeni loyo ayemeseka engqungqutheleni yango-2017.
"Lona esasimeseka ngo-2017 nguyena muntu ofanele ukuhola i-ANC. Imisebenzi yakhe kuhulumeni nakwi-ANC iyazikhulumela. Ungumholi oqotho futhi uyayiqonda imigomo ye-ANC.
"Yebo bakhona abake bazwakalisa ukukhathazeka ngaye. Ngeshwa bahlulekile ukuqhamuka negama lomuntu ongcono kunaye."