UMQONDISI -Jikelele kuhulumeni waKwaZulu-Natal uDkt Nonhlanhla Mkhize, kulindeleke avele okokuqala eNkantolo eNkulu eThekwini, nabanye aboshwe nabo ngodaba loMhlathuze Water.
Kulindeleke ukuthi avele ngoMsombuluko enkantolo uDkt Mkhize ngamacala okusabisa, nokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho. Ungaphandle ngebheyili kaR 25 000 ayithola emuva kokuhlala izinsuku esitokisini.
Udaba lusukela kwithenda yabameli okuthiwa yakhishwa wuMhlathuze Water, kusolwa ukuthi kwaba khona okungahambi kahle. Ithenda yabameli kuthiwa yabiza imali uR 37 million. Kusolwa ukuthi ababeyizikhulu babethola intshontsho enkampanini yabameli.
Kwabe sekuqalwa uphenyo olwenziwa yinkampani ezimele eyaphakamisa ukuthi kumiswe izikhulu futhi kubikwe amacala emaphoyiseni. Kwabe sekugasela oKlebe bezopekequla emahhovisi.
UDkt uMkhize uboshwe ngonyaka odlule ngesikhathi oKlebe bethelekela ababeyizikhulu zebhodi lamanzi eselavalwa, uMhlathuze Water. UDkt Mkhize usoleka ngokuthuma umuntu thizeni ukuthi ayosabisa usihlalo webhodi maqondana nombiko wenkohlakalo.
Izinsolo eziphambi kwenkantolo zithi lowo muntu owayethunyiwe wafika wazethula ngokuthi uvela kwabezobunhloli. Kuthiwa owayethunyiwe wayesabisa usihlalo webhodi ngokumbopha uma engamniki umbiko.
Kuthiwa kwavela ukuthi umuntu owayethunyiwe akasebenzi bezobunhloli. Abanye abahamba icala nguMnuz Mthokozisi Duze owayeyisikhulu esiphezulu, nguNksz Babongile Mnyandu owayeyisikhulu sokuphathwa kwemali, noMnuz Sthembelo Mhlanga.
Bahamba inkantolo nje, abanye babo sebadlelwa impahla kanokusho okubalwa izimoto, imizi nokunye. Izikhulu zagcina zixoshiwe emsebenzini ngaphansi koMhlatuze Water. Ibhodi loMhlathuze Water lisanda kuhlanganiswa nebhodi Umngeni Water, kwagcina wuMngeni -uThukela Water.