INKANTOLO eNkulu e-Eastern Cape igwebe osesilisa ozibiza ngoMphostoli odilikajele abayisithupha ngamcala okudlwengula nokushushumbisa abantu.
Lo Mphostoli ogamalakhe nguHlumelo Dywili (35) ulahlwe amacala amane okudlwengula namabili okushushumbisa abantu. Inkantolo ibuye yengeza nesinye isigwebo sokuphoqa umuntu ukuthi abukele kunukubezwa omunye kodwa leso sigwebo sizohambisana nodilikajele ababili anikezwe bona ngawokudlwengula.
UDywili, owayaziwa ngokuba umculi nomfundisi endaweni yaseMandela eMthatha, waphuma umkhankaso ememezela ukuthi ulapha abagulayo futhi utholelana nemisebenzi.
Kuthiwa phakathi kukaJulayi no-Agasti 2021 wayefaka izikhangiso enkundleni uFacebook nasemsakazweni womphakathi iNkonjani ukuzidumisa futhi etholakala ezindaweni ezahlukene e-Eastern Cape ekhangisa lona leli bhizinisi.
“Umgilwa oyedwa waseKomani e-Eastern Cape, kodwa owayezinze eKapa wabona isikhangiso sikaDywili kuFacebook wafuna usizo nokuyilapho athenjiswa khona umsebenzi,” kusho uLuxolo Tyali okhulumela abe-NPA.
UDywili wamthengela ithikithi lebhasi ngesithembiso sokumtholela umsebenzi. Efika, uDywili wamdlwengulela emotweni yakhe nasendlini yakhe eseMthatha, ngosuku olulandelayo wamlaxaza eMbizana lapho ayekhiqizela khona izinto zakhe azidayisayo. Umgilwa lo wathola abanye abagilwa ababili lapha eMbizana nabo abahehwa ngazo izethembiso zomsebenzi.
Laba bagilwa abathathu okuthiwa bavela emindenini ehlwempu bagcinwa kule ndawo bethembele kuye ngosizo lwemali. Waqhubeka ebadlwengula eshintshana ngabo, kwesinye isigameko waphoqa oyedwa ukuba abukele ngesikhathi edlwengula omunye.
Kuthiwa lo mphostoli mbumbulu wayephuza adakwe asabise abagilwa ngokubagwaza ngommese ayewubeka ngaphansi komqamelo wakhe.
“Umgilwa wakhe wokuqala yintombazane ena-17 ayidlwengula ngoMashi 2020. Kuthiwa abazali bale ntombazane bayihambisa kuye ngoba befuna ilashelwe isifo sokudlikiza.
“Watshela umgilwa ukuthi uzokwenza izenzo ezithile zokumelapha, wamgcoba ngamafutha ezingane wamnukubeza ngokumfaka iminwe esithweni sangasese. Umgilwa wabikela unina ngalokhu owabe esevula icala emaphoyiseni, kodwa lo msolwa wadedelwa ngebheyili.
“Waphinde waboshwa ngemuva kokunukubeza abagilwa abathathu ngo-2021.
“Enkantolo, uDywili wawaphika wonke amacala abekwa wona wathi abagilwa babeyizintombi zakhe futhi kwakuvunyelwene ngalokhu okwakwenzeka.
“Ngesikhathi likhipha isigwebo, iJaji uRichard Brooks, livumelene nabashushisi ukuthi uDywili akanakho ukuzisola ngamacala abekwe wona futhi usebenzise isikhundla sakhe njengomfundisi ukuheha abesifazane abasebancane,” kuqhubeka uTyali.