UKHETHE ukuzibulala owesilisa waseMabedlane, oLundi, okuthiwa ubesephenduke inkukhu nempaka noyise owumfundisi abemsola ngokugila imikhuba.
Umufi, uMphathiseni Manyosi Shandu (33), kuthiwa uzikhunge esihlahleni esisezansi komuzi, washiya incwadi ebisephaketheni egonyuluka 'ngoyise obezama ukuthwala ngengane yakhe’.
Kule ncwadi, Isolezwe ngoMgqibelo elinayo, umufi ubalisa ngoyise amsola ngokuduka kwengane okuthiwa yabuya seyigcatshiwe umzimba wonke.
Kuthiwa le ngane kwathi uma ibuzwa ukuthi ibikade inyamalale yayaphi, yakhomba uyise yathi ubeyigxisha nangemithi emlonyeni.
Kuthiwa kusukela lapho umufi wamqonda uyise wangahloniza ngokusebenzisa amakhathakhatha egcekeni. Kunanezinsolo zokuthi uyise kamufi wenza le migilingwane nje yingoba efuna kuchume ibandla lakhe.
Encwadini ebhalwe ngumufi, unxusa ukuthi uyise angalinge alubeke emngcwabeni wakhe obungoMgqibelo emathuneni asekhaya.
“Akabanga khona emngcwabeni ngoba amalungu omndeni akwaShandu ambizile amfundela incwadi. Naye wazizwela ukuthi umufi uthi akamdingi emngcwabeni wakhe,’’ kulandisa elinye ilungu lomndeni elingathandanga kudalulwe igama lalo.
Elinye ilungu lomndeni lithe bahlukumezekile kakhulu, badinga ukwelulekwa ngokwengqondo. Lithe bayazibuza ukuthi ilungu lomndeni selingaze lihambe emhlabeni kabuhlungu kangaka ngenxa yomuntu wasekhaya.
Lithe bathathe isinqumo sokuthi bamxoshe uyise ngoba balandela izifiso zikamufi. Kuthiwa kusukela kwabuya ingane eyayilahlekile isigcatshiwe, lo wesilisa ubengasakudli nokudla okuphekwe kuleli khaya ebona sengathi ukhishwa inyumbazane.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, usiqinisekisile isehlakalo wathi kuphenywa icala lokufa komuntu.
Uthe amaphoyisa abizelwe endaweni yesigameko eMphothi lapho okutholakale khona indoda izikhungile. Uthe amaphoyisa asoLundi amatasa nophenyo olumayelana naleli cala.