EMUVA kokubhalelwa yiSABC incwadi imxwayisa ngokuthi angabe esaqhubeka nokusebenzisa uphawu lwayo ezintweni zakhe, u-Owen Ndlovu uveze ubufakazi bokuthi unelungelo lokulusebenzisa.
NgoJanuwari 12, nonyaka iSABC ibhalele uNdlovu ukuthi akayeke ukusebenzisa uphawu lwayo ezintweni zakhe ngoba akanamvume yalokho. Yathi lolu phawu olweSABC futhi lubhaliswe ngokusemthethweni ukuthi ngolwayo ngoba lukhokhelwa nayiyona. Yathi uma eqhubeka nokulusebenzisa uzobhekana nengalo yomthetho okungagcina esehlawuliswe nemali enzima.
Umsindo usuke emva kokuthi uNdlovu enameke ekhasini lakhe leFacebook ukuthi iSABC Summer song iyabuya nonyaka. UNdlovu uthe usefake iSABC kwiCompetitions Commission ngodaba. Wathi unelungelo lokusebenzisa uphawu lweSABC kuze kuphele iminyaka eyishumi.
Emaphepheni Isolezwe Ngempelasonto elinawo amakhophi awo, kuvela ukuthi uNdlovu usayine isivumelwano seminyaka ewu-10 neSABC sokusebenzisa uphawu lwayo. Isivumelwano sasayinwa yiSABC nenkampani kaNdlovu, iMichael Owen Productions ngo-2017. Lokhu kusho ukuthi isivumelwano abanaso sokusebenzisa uphawu sizophela ngo-2027.
Ebuzwa ngalezi zindaba uNdlovu uthe basayina isivumelwano ngesikhathi bevumelana neSABC ukuthi asingathe umncintiswano weSABC Summer Song.
“Sangena esivumelwaneni seTrademark seminyaka ewu-10 neSABC. Saze sayobhalisa kwiCompanies And Intellectual Property Commission (CIPC) ukuthi ngikwazi ukusebenzisa uphawu lwayo. Lokho sakwenza ngenhloso yokuthi ngikwazi ukusebenzisa uphawu lwayo ngokukhululeka ngesikhathi siba nesivumelwano sokuthi inkampani yami isingathe umncintiswano weSABC Summer song. Ngokwesivumelwano kwakungukuthi inkontileka yomncintiswano iSABC Summer song izobuyekezwa ngemva kweminyaka emithile iphinde iqhubeke kodwa kwangenzeka. Inkontileka yeTrademark yona yayiseceleni ineminyaka eyishumi ezimele,” kuchaza uNdlovu.
Uthe njengoba ibisimvalele ngaphandle yaze yabhala nencwadi yokuthi angalusebenzisi uphawu lwayo, izigwaze ngowayo iSABC. Yingakho ethe udaba uselufake kwiCompetitions Commission.
“Uma iSABC ingasadingi ukuthi ngisebenzise uphawu lwayo, kumele sibuyele emuva lapho yaqala khona ukungivalela ngaphandle yaqhubeka neSABC Summer song ngaphandle kwami. Lokho kusho ukuthi kumele ingikhokhele yonke imali eyenze kusuka ngaleso sikhathi ngalo mncintiswano. Iphinde ingikhokhele kuze kuphele inkontileka yeTrademark esinayo uma isazimisele ngokuqhubeka nawo,” usho kanje.
UMmoni Seapolelo oyi-Acting Group Executive: Corporate Affairs and Marketing, kwaSABC uvele washaya ngezinqamulelayo wathi: “ISABC ayazi luthi ngalolo daba futhi beyingakatholi sikhalazo esinjalo.”