WETHWESWE iziqu zeMasters kwiChemistry owangena kulo mkhakha elandela umngani wakhe, engazi nokuthi kwenziwani kuwo.
UNksz Lungile Hadebe waseDannhauser, eNewcastle, othweswe iziqu eNyuvesi yaKwaZulu-Natal izolo, uthe wayezikhethele umkhakha angasawukhumbuli nokuwukhumbula kodwa wawunezolimo, awufunda isemester eyodwa wawuyeka walandela umngani wakhe owayenza iChemistry.
"Ngashintsha nje ngoba ngithanda igama ngazitshela nje ukuthi kumele ukuthi umngani wami uqinisile mayethi umkhakha omnandi futhi onamathuba. Ngangingazi nokuthi uma sengiqedile ukufunda ngizosebenza kuphi. Ngokuhamba kwesikhathi ngathola ukuthi ichemistry ingena kuyo yonke imikhakha, nakhona la engabaleka khona iyangena,“ ehleka.
Uthe akazisoli ngokulandela umngani wakhe ngoba lo mkhakha uvulekile futhi unamathuba amaningi.
UNksz Hadebe uthe endaweni yangakubo amanzi ayashoda kangangoba amanzi abawaphuzayo aphuma emapitsini, awanambitheki kahle, kwesinye isikhathi awaphephile.
"Nginevuso lokuthi ngiqhamuke nempendulo yokuthi angahlanzwa kanjani amanzi okungaba amanzi adonswe phansi noma awolwandle. Ucwaningo luyasitshela ukuthi izwe lethu alinawo amanzi amaningi esingawaphuza kodwa amanzi akhona inkinga ukuthi awaphephile ukuthi akumele aphuzwe yingakho ngenze ucwaningo olubheka lokho. Ngithole ukuthi izinsalela zekhofi esezisebenzile ebezizolahlwa ungazishintsha uzisebenzise wenze izinto zokuhlanza amanzi. Ngishaya izinyoni ezimbili ngetshe elilodwa ngokusebenzisa udoti obekuzothi uma ulahlwa ungcolise umoya nokuqhamuka nesisombululo sokuhlanza amanzi," kusho yena.
UNksz Hadebe uneDegree yeChemistry and Chemical Technology, iHonours in Chemistry, izolo ubethweswa iziqu zeMasters in Chemistry kanti wenza iPHD kuyo iChemistry zonke iziqu zakhe uzithole e-UKZN.
Uthe uthwale kanzima ngesikhathi enza iMasters yakhe ngoba kufike iCovid-19 kwaphoqeleka ukuthi abuyele eDannhauser ekubeni engenayo nelaptop yokusebenza.
"Sithe sibuya emakhaya sisathi siyasebenza, ilaboratory yethu yasha, kwadingeka ukuthi sihlale ezindaweni zokuhlala. Konke lokhu bekusho ukulahleka kwesikhathi bese ngisaba ukuthi ngizongakwazi ukuqeda izifundo zami," kusho uNksz Hadebe