USOSIZINI owesilisa ongcwabe ingoduso yakhe ngoMgqibelo, okuwusuku obekuhlelwe ukuthi bashade ngalo eMtuba.
Isidumbu sengoduso yakhe ebinguthisha sitholakale sishisiwe salahlwa ehlathini eliseCheese Farm, ngaseDukuduku, eMtubatuba.
UNksz Hlengiwe Nompumelelo Mthembu (39), obefundisa eMfolozi Primary, unyamalale ngoMgqibelo, ngoSepthemba 10, isidumbu sakhe satholakala ngoLwesibili olwedlule.
Umufi udabuka eBhambanana, eJozini, lapho engcwatshelwe khona nakuba ebekade esehlala KwaMsane.
Isidumbu sikaNksz Mthembu kuthiwa sitholwe ngumuntu obelusile ohlabe umkhosi kwabizwa amaphoyisa.
Obezoshada nomufi, uMnuz Lindo Bhengu, ukhale ngendlela enesihluku okubulawe ngayo ingoduso yakhe athe iyamlimaza emoyeni. Uthe akukho muntu amsolayo kodwa kunezinkomba zesandla semfene kule nto.
Uchaze ingoduso yakhe njengebilungile, ingeke iphakamisele muntu isandla futhi bebengamathe nolimu nayo, betholakala ndawonye isikhathi esiningi.
Ulandise wathi umufi waphuma ekhaya ngemoto ngabo-6.30 ekuseni emuva kokuxhumana nothile ocingweni athi ubizwa ngowesifazane obezomphaqula ubuso ngosuku lomshado.
Ngokuhamba kwesikhathi engabuyi umufi, uBhengu uthi waya edolobheni endaweni esebenzela lo wesifazane, wangamfica. Uthi wabe esemshayela ucingo kodwa walandula lo wesifazane ukuthi uke wahlangana nomufi.
Uthi wabe esethinta abe-tracker ukuze babheke ukuthi ikuphi imoto, wangasizakala wase eyobikela amaphoyisa kwavulwa idokodo.
Uthi kuze kwaba nguMgqibelo olandelayo ngoSepthemba 17, emuva kokuthungatha bengatholi lutho, lapho ethole khona ucingo olwaluvela ephoyiseni ngomkhondo wemoto, iBMW X1, empunga kamufi etholakele.
“Kwakungathathwanga lutho emotweni, nokhiye wayo ukhona. Phansi akukho okukhomba ukuthi kuke kwashuduliswana kuliwa. Nathi salibheka ihlathi sangathola lutho, kwathiwa asigoduke nemoto,” kusho uBhengu.
Uthi ngoMsombuluko ngeledlule ubuyele emaphoyiseni eyowacela ukuthi kubuyelwe ehlathini nezinja ezihogela umkhondo, nebala kwavukelwa khona ngoLwesibili.
“Akuphelanga sikhathi esingakanani satholakala isidumbu sishisiwe engasabonakali kodwa kwasiza ukuthi ngambona ngezimpahla aphuma endlini ezigqokile. Umfana wezinkomo uthi imoto wayeyibone emuva kwezinsuku ezintathu umufi edukile kodwa wesaba ukubika,” kulandisa uBhengu.
Uqhube wathi batshelwe ngobelusile ukuthi nsuku zonke ubeyibona imoto futhi kunesikhathi lapho kwafika khona abesilisa ababili ehlathini abehla emotweni bama buqamama abagcina ngokulunguza baphinde bahamba.
Imizamo yokuthola umndeni kaNksz Mthembu ayiphumelelanga, inombolo yocingo ebinikwe leli phephandaba ibingabanjwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe kuphenywa idokodo ngokushona komuntu esiteshini samaphoyisa KwaMsane. Uthe amaphoyisa abizelwa endaweni yesehlakalo lapho kwakunesidumbu somuntu esishile.