OMUNYE wabaphenyi becala lokufa kukaSenzo Meyiwa, uSergeant Batho-Bakae Mogola, uthi ummangalelwa wokuqala, uMuzikawukhulelwa Sibiya, wayemagange efuna ukuvuma icala. UMeyiwa, owayengunozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates, wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly Khumalo ngo2014, eVosloorus, eGauteng.
UMbuso umi ngokuthi abamangalelwa bawavuma amacala futhi izitatimende zikhona, yizona abagabe ngazo. Abamangalewa bona bayawaphika wonke amacala, bathi bashawa bavunyiswa ngenkani.
UMogola ubeqhubeka nokwethula ubufakazi eNkantolo eNkulu ePitoli, lapho kuqulwa khona icala. UMogola uthe ngesikhathi beyobopha uSibiya akabahluphanga, wavele waqala wakhuluma.
UMogola uthe wachazela uSibiya ngamalungelo akhe nokuthi unelungelo lokungasho lutho. Uthe waze wambuza ukuthi uyezwa yini kodwa uSibiya waphikelela wahlambuluka.
“Waqhubeka wakhuluma, ngambuza ukuthi kungani ekhuluma manje sekuze kwaboshwa ngisho abantu abangenacala? Wathi ubazi kahle ukuthi ngelinye ilanga uyolithola ithuba, kuyofanele achaze ngodaba lokufa kukaMeyiwa,’’ kusho uMogola.
UMogola uthe wabona ukuthi izindaba ezazikhinindwa wuSibiya zazingaphezu kwakhe, wase eshayela umphathi wakhe uBrigadier Gininda, emazisa ngokuthi ummangalelwa ugeqa amagula. UMogola uthi kulapho-ke uGininda amyalela ukuthi bahlangane bese kwenziwa izinhlelo zokuthi uSibiya ayovuma icala.
UMogola uthe uSibiya wathi akamdingi ummeli.
Omunye wabameli, u-Advocate Charles Mnisi, obepheka ngemibuzo uMogola ukhuze wababaza emsola ngokuveza imininingwane engafanele.
“Njengamanje uveza ubufakazi obungemukelekile lapha ekubeni mina bengibuza ukuthi wamchazela nini uSibiya ngamalungelo akhe? Ngikukhuzile ngokufuna ukuchaza izinto eziningi,’’ kusho uMnisi.
Icala liguqele ukuthi libuyele namuhla kuqhutshekwe nokulalela ubufakazi.