UMENGAMELI we-IFP, uMnuz Velenkosini Hlabisa, uthi nakuba engasekho umsunguli weqembu inkosi Mangosuthu Buthelezi kodwa indlovu ngeke isindwe wumboko.
UHlabisa ukhethelwe esikhundleni ngo-2019 ngesikhathi uShenge eseshenxa ekuholeni iqembu emuva kweminyaka engu-44.
UMntwana waKwaPhindangene, ukhothame ngenyanga edlule ngemva kokudunguzela, watshalwa emzini wakhe oLundi. Ukuhamba kwakhe kushiye imibuzo ngekusasa leqembu lakhe ngoba ubethathwa njengensika yalo.
Iyaphi indlovu emuva kokuhamba kukaShenge?
UHlabisa ube nengxoxo ekhethekile neSolezwe Ngempelasonto, lapho achaze khona ngezinhlelo zokuqhubeka nezimfundiso zikaShenge yize engasekho.
“Ukuhamba kukaShenge kuzoshiya esikhulu isikhala kodwa siyamethemba uNkulunkulu ngoba ulwazi alwedlulisele kubaholi luzoyenza indlovu iye phambili. Abaholi esinabo abanye bafika eqenjini ngo-1975 mina ngafika ngo-1978 sesinolwazi olunzulu, besibukela kuMntwana,’’ kusho uHlabisa.
UHlabisa uthe okwenze izinto zaba lula wukuthi uShenge wawadlulisa amandla esaphila wabeseka ubuholi obusha wabucija.
“Okuhle wukuthi uShenge wazisholo yena ukuthi usefisa ukwedlulisa amandla, awathathwanga ngendlakadla. Kuningi esikufunde kuyena ngoba noma ngabe besixakeka besibuyela kuyena siyocela izeluleko. Abantu be-IFP akufanele bazizwe besele phandle. Iqembu lizoqhubeka,’’ kuchaza uHlabisa ngesineke, ebeka amagama ngokucophelela.
Uthe uyazi ukuthi ukuthi izinhlangano namabhizinisi kuvame ukushabalala emuva kokudlula emhlabeni kwabasunguli bawo kodwa bona abanalo uvalo. UHlabisa uthe iqembu lisesimweni esihle kakhulu. Lokhu kufakazelwa nayindlela elenza ngayo uma kunokhetho lokuchibiyela futhi lizomangaza abaningi okhethweni lukazwelonke.
Isihlalo sikaShenge ePhalamende
UShenge nakuba kade engaseyena umengameli weqembu kodwa ubehola ikhokhasi ye-IFP ePhalamende, okusho ukuthi kuvuleke isikhala okufanele sivalwe. UHlabisa uthe udaba luzolungiswa maduze. Ukhale ngokuthi kusaziliwe okwamanje, kusafanele kuhlonishwe.
Isikhundla sikamengameli nezingqungquthela zeqembu
UHlabisa uthe ngesikhathi bekhethwa ngo-2019 banikwa ihlandla leminyaka emihlanu elizophela ngonyaka ozayo. Uthe iqembu lizoba nengqungquthela yokukhetha ubuholi futhi amalungu azonikwa ithuba lokuzikhethela.
“Izohlala ingqungquthela abantu bazoba nethuba lokuzikhethela. Abaholi behlulelelwa ngemisebenzi yabo abayenzile ngesikhathi bekhethiwe. Asikho isizathu sokushintsha into esebenzayo kodwa sikhona esokushintsha into uma ingasebenzi.”
Uyithintile indaba yezinsolo zokwehlukana ngaphakathi, wathi iqembu libumbene kodwa bakhona abangaphandle abaphosa isikhuni sedungamuzi futhi babhoke kakhulu ezinkundleni zokuxhumana.
Imibiko yokungaphephi kwempilo kaHlabisa
Kuke kwavela ukuthi impilo kaHlabisa isengcupheni futhi abezobunhloli bakutholile lokho. Kuqaphelekile ukuthi ezokuphepha ziqine kakhulu kuyena, useneqwaba yabaqaphi. Uthe kuyiqiniso ukuthi kunemibiko yokungaphephi kwakhe futhi uhulumeni unomthwalo wokuvikela bonke abantu kuleli.
“Ipolitiki kuleli inokungcola kakhulu, uma uwumholi futhi kukhona abanye obaphosela inselelo, kungaba yizimbangi noma kube ngaphakathi eqenjini abakunqinda amandla. Abezomthetho banesibopho sokubhekela inhlalakahle yabantu,’’ kuchaza uHlabisa.
Amathuba e-IFP okhethweni oluzayo
UHlabisa uthe banohlelo olucacile lokwenza kangcono kakhulu okhethweni oluzayo futhi kabangabazi ngalokho. UHlabisa uthe uma bechitha amathambo babona ukuthi alikho iqembu elizonqoba ngengcaca ukhetho nokuzobe kusho ukuthi i-ANC yehlulekile wukubuyela emandleni.
Uthe iqembu likhomba ukudlondlobala kakhulu loku kufakazelwa nayimphumela uma kunokhetho lokuchibiyela esifundazweni. Uthe bakholwa wukuthi iqembu labo lethenjwa kakhulu abantu.