UMMELI kalowo owayeyimeya yeTheku, uNkk Zandile Gumede, u-Adv Jay Naidoo ushaya amakhala ngamandla anikezwe iCity Investigations Integrity Unit (CIIU) ikakhulukazi uma kuziwa ngasekuhluzeni uhlobo lwamacala okufanele aphenywe ngaphandle.
Njengoba bekuqhubeka ukuphicwaphicwa ngemibuzo kwenhloko yeCIIU, engufakazi woMbuso, uMnuz Mbuso Ngcobo, uNaidoo utshele inkantolo ukuthi lolu phiko luwephulile umthetho wokubika, lwehluleka ukuziphendulela, lwaphinde lwazinika amandla ekwenzeni ezinye izinto ngaphandle kokugunyazwa.
Uthe lokhu ukusho ngesinqumo uphiko olwasithatha ukusingatha uphenyo lwethenda yokuqoqwa kukadoti eyadla izigidi.
Uqhube wathi kunemithetho nezingxoxo lolu phiko olwakhetha ukuzishaya indiva, phakathi kwazo yilezi:Ukuhluleka ukubika ngophenyo ophikweni olwaziwa ngeMunicipal Public Accounts Committee.
Ukuhluleka ukubika nokuthola ukugunyazwa wumnyango ukuze kuqale uphenyo olumayelana nezinsolo eziyamaniswa nale thenda.
Nokusetshenziswa kwamandla ngendlela engafanele kophiko olwaziwa ngokuthi yiFinancial Misconduct and Disciplinary Board.
UNaidoo uthe ngokungabiki ngezinsolo ezinhlakeni zangaphakathi emva kokwaziswa ngazo, uNgcobo wehluleka ukuqinisekisa ukuthi inkohlakalo ayenzeki nokwaholela ekutheni umkhandlu ugcine usulahlekelwa yimali eningi.
Eziphendulela uNgcobo uzichithile zonke lezi zinsolo abekwa zona wuNaidoo nokuthi uphethe uphiko ngendlela yakhe.Utshele inkantolo ukuthi unomsebenzi wokubika nokwazisa imenenja yomkhandlu nganoma yiluphi uphenyo.
Utshele inkantolo ukuthi nakuba eyihlonipha iMunicipal Public Accounts Committee ngoba iyikomiti uphiko lwakhe olubika kulona, kodwa kwakuphoqa ukuthi angalubikeli ngophenyo lwale lithenda ngokomyalelo ayewunikwe amaphoyisa kanjalo ne-Integrity Forensic Solutions (IFS) njengoba kwase kuyibo abase besingethe uphenyo.
NgokukaNgcobo amaphoyisa agcizelela ukuthi nanoma yini eyenzekayo ngaleli cala kwakufanele igcinwe iyimfihlo kuwo wonke umuntu kuze kuphothulwe uphenyo.