KUTUSWE amagalelo obewumkhuzi wamaphoyisa eGauteng osethatha umhlalaphansi, uLieutenant General Elias Mawela.
Bekuwusuku lokugcina lukaMawela emsebenzini izolo. Ubesesebenze iminyaka engu-39 esiphoyiseni.
Wajoyina umbutho wamaphoyisa ngo-1984 eyithwasa ePitoli. Ukhuphuke ngezimendlela wagcina esenguLieutenant General ngo-2011.
Izolo bekuphela inkontileka yeminyaka emihlanu engumkhuzi wamaphoyisa eGauteng.
UMkhuzi wamaPhoyisa kuzwelonke, uGeneral Fannie Masemola, uncome imisebenzi emihle kaMawela ayenzele isizwe.
UMasemola uchaze uMawela njengomuntu obesebenza ngokubambisana nomphakathi nabamahlelo ehlukene kangangoba waze waqala umkhankaso olwa nobugebengu, i-O kae Molao.
“Ushiye umbutho wamaphoyisa nefa elinothile eliyosetshenziswa nayizizukulwane ezizayo. Usebenze ngokuzikhandla nangokuzimisela lapho abejutshwe ukuba asebenze khona. Ungumholi obekhuluma into bese eyayenza, kungakhathaleki ukuthi ubekade ejutshwe kuphi,” kusho uMasemola.
UMasemola uthe ube nenhlanhla yokuthi asebenze eduzane noMawela azohlala emkhumbula njalo. Ube esebonga nomndeni kaMawela ngokuthi umvumele akwazi ukwenza lo msebenzi wesizwe.
Amaphoyisa athi i-O Kae Molao wuhlelo lapho amaphoyisa ehlala khona izithonto izigilamkhuba ezifunwayo, eshaqa impahla ewumbombayi, evundulula izimoto ezebiwe nezibhamu ezingekho emthethweni
Bathi lolu hlelo lugcine selunabela ezweni lonke njengoba selubizwa ngokuthi i-Operation Shanela.
UMawela uphathe izikhundla ezihlukene okubalwa kuzona esokuba u-Deputy Area Commissioner ePitoli, waba iComponent Head: Border Policing, uphinde waba yiDivisional Commissioner: Operational Response Services.
Uphinde waba usihlalo wophiko lwezokuphepha, iNational Joint Operational and Intelligence Structure (NATJOINTS).