UMNTWANA uSimakade Jackson kaZwelithini noMengameli, uMnuz Cyril Ramaphosa, bafuna ukuyodelisana inkani eNkantolo okuDluliswa kuyona amaCala.
UMntwana uSimakade noRamaphosa benze isicelo sokuba banikezwe igunya lokudlulisela phambili isinqumo senkantolo esachitha isinqumo sikaRamaphosa sokuvuma ukuqokwa kweSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini.
Lesi sicelo basenze phambi kweJaji uNorman Davis, okunguye owakhipha isinqumo esiyalela ukuba kuqokwe ithimba elizophenya umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu.
Izicelo zabo bezilalelwe eNkantolo eNkulu ePitoli, izolo.
URamaphosa ufuna ukuphonsela inselelo cishe zonke izingxenye zesinqumo esathulwa uDavis, kanti uMntwana uSimakade yena ufuna ukuphonsela inselelo izingxenye ezithize zesinqumo angajabule ngazo.
Abathinteka kuleli cala bebengakwazi ukuthi baphonsele inselelo isinqumo sikaDavis khona eNkantolo eNkulu ePitoli, lapho udaba lwabo beluzolalelwa amajaji amathathu.
Kepha uRamaphosa noMntwana uSimakade bathe bafuna ukuthi icala liyolalelwa eNkantolo okuDluliswa kuyona amaCala.
Ummeli kaMntwana uSimakade, u-Adv Alan Dodson, uthe zikhona izingxenye zesinqumo sikaDavis abavumelana nazo.
“Kwasijabulisa ukuthi inkantolo inqume ukuchitha isinqumo sikamengameli sokuvuma ukuqokwa kweSilo. Sakujabulela ukuthi inkantolo inqume ukuthi akuqokwe ithimba elizophenya udaba lombango wesihlalo sobukhosi. Kwasijabulisa futhi ukuthi inkantolo ithi umengameli akakhokhele izindleko zecala.
“Okungasijabulisanga ukuthi inkantolo ingabeki imibandela okufanele umengameli ayilandele uma eseqoka ikomiti. Sifuna ukuba sikwazi ukuphawula ngabantu abazoqokwa umengameli ukuba baxazulule umbango wesihlalo sobukhosi. Sifuna ukukwazi nokuphawula ngesikhathi okufanele sithathwe ikomiti ukuphenya udaba.”
UDodson uthe bafuna nokuthi inkantolo inqume ukuthi ikomiti elizophenya ngeke libophezelwe isinqumo seNkantolo eNkulu eMgungundlovu, lapho iJaji uMjabuliseni Isaac Madondo, lanquma ukuthi iSilo uMisuzulu yisona esifanelwe isihlalo sobukhosi bukaZulu.
UMadondo wayekade elalele amacala ayethinta kakhulu amafa ashiywa yiSilo esesakhothama, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
UDodson uthe ikomiti elizoqokwa bafuna ukuba likushaye indiva okwashiwo uMadondo.
“Uphenyo (ngombango wesihlalo sobukhosi) kufanele luqalwe phansi.”
Ngakolunye uhlangothi, uRamaphosa yena uthi isinqumo sikaMadondo saqeda nya umbango wesihlalo sobukhosi.
UDavis uzonquma esikhathini esingangesonto ukuthi uyazinikeza yini lezi nhlangothi igunya lokudlulisa icala.