UPHIKO lwabesifazane lwe-ANC lufuna bahambe abokufika abakuleli ngaphandle kwemvume.
Lolu phiko luthe abokufika badayisa ukudla okonakele okugulisa kuphinde kubulale abantu bakuleli, ababoshwe.
Umengameli wophiko uNksz Sisisi Tolashe, uthe bakhathazekile ngezehlakalo zokugula nokushona kwezingane kuleli ngenxa yokudla ukudla okunobuthi.
“Sithi kuhulumeni abahambe abakuleli bengenawo amaphepha aqondile. Sifuna baboshwe nalabo abadayisa ukudla okubulala nokugulisa abantu bethu, ikakhulu izingane. Sifelwa yizingane eziguliswa ukudla okungalungile okudayiswa ezitolo ezehlukene,” kusho uNksz Tolashe.
Ukusho lokhu kukhukhulelangoqo wemashi ebihlelwe yilolu phiko ehlanganisa namanye amaqembu ezepolitiki ahlukene, izinhlangano ezehlukene nezentsha kanti ibibhekiswe ezindlini zoMbuso ePitoli, ukulwa neyodlame olubhekiswe kwabesifazane.
Uthe baneme ngendlela uhulumeni alusukumele ngayo udaba lwabokufika abangenazo izimvume.
“Sihlaba nekhwelo lokuthi kubhekisiswe indaba yezibhamu ezingekho emthethweni. Muhle umsebenzi owenziwa amaphoyisa wokuqoqa lezi zibhamu ezingekho emthethweni.”
Unobhala jikelele we-ANC uMnuz Fikile Mbalula, ukhale ngesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane kuleli.
Uthe amadoda kumele azi ukuthi abashawa abesifazane kanjalo namantombazane.
“Ngifuna ukuchayisa labo abathi lolu phiko luzimashela lona njengoba ngifuna ukukucacisa ukuthi alukho ePhalamende. Lwenze kahle ukuthi lumashe ukuze kuliwe nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane,” kusho uMbalula.
UNgqongqoshe ehhovisi likamengameli obhekele abesifazane, intsha nabantu abaphila nokukhubazeka, uNkk Sindisiwe Chikunga, uncome umkhankaso wophiko lwabesifazane lwe-ANC ngokumasha ukulwa nalesi sihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane kuleli.
Uthe lolu dlame olubhekiswe kwabesifazane lwenziwa abantu esisondelene nabo.
“Sincane kakhulu isibalo sabesifazane ababika amacala okuhlukunyezwa. U-2% kuphela wabesifazane abahlukunyezwayo ababikayo. Babalelwa ku-7.8 million abesifazane abahlukunyezwayo kuleli,” kusho uNkk Chikunga.
Uthe bakhona nabesifazane abahlukumeza abesilisa kodwa ababaningi.
“Ayiphele eyalolu dlame noma kuthiwa kwenziwa ngabesifazane noma ngabesilisa. Yimpi okumele siyilwe ize iqedwe.”
Uncome uphiko ngokubamba imashi ngesikhathi sezinsuku ezingu-16, zokulwa nesihlava sokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane.