AMAPHOYISA aphume umkhankaso wokuthungatha umshayeli wemoto yohlobo lweBMW eshayise yabulala abantu.
Le ngozi yenzeke ngoMgqibelo ntambama endaweni yaseSalvokop ePitoli.
Ngokwemibiko evela endaweni yesigameko, umshayeli wemoto uhlulekile ukuyilawula yaqonda ngqo kubantu abayisikhombisa abebesemgwaqeni.
“Le moto ishayise abantu abayisikhombisa kwafa abathathu. Kwabafile, kubalwa amawele angamantombazane aneminyaka emine ubudala nenye intombazane elingana nawo,” kusho uKyle van Reenen okhulumela abezimo eziphuthumayo i-Emer-G-Med.
Abanye balimale kancane, balashelwe kule ndawo ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela.
Umshayeli akaziwa ukuthi uphume emotweni wabheka ngaphi kanti nesimo sakhe kasaziwa. Amaphoyisa ayaphenya ngalesi sigameko.