USWELE umgodi wokucasha owesifazane obhekene necala lokubulala umyeni wakhe owayengummeli.
UNkk Dorah Zwidofhelangani Manwadu (42), uvele phambi kweNkantolo yeMantshi eThohoyandou, ngecala lokubulala umyeni wakhe owayengummeli, esebenzela Legal Aid South Africa uMnuz Mbambadzeni James Manwadu (46).
Unkosikazi uvele enkantolo ehambisana nezinkabi okusolwa ukuthi waziqasha ukuba zenze umsebenzi, okungoTshianeo Munyai (30), Pfunzo Lidzebe noNemakhavhani Ndalamo (22).
Kuthiwa ngoJanuwari 16, 2022 uManwadu wayefika emzini wakhe ephuma emotweni ukuyovula isango ngesikhathi ehlaselwa abasolwa abamdubula wafela khona lapho.
Uphenyo olunzulu olwenziwa amaphoyisa kulesi sifundazwe lamkhomba ekhaya umsolwa nokuyilapho okwabanjwa unkosikazi kamufi.
Icala lihlehliselwe kuFebhruwari2-3, 2023, lapho abasolwa bezofaka isicelo sabammeli nesebheyili. Bonke bazogqunywa esitokisini baze babuyele enkantolo. Abasolwa ababanjwe nonkosikazi kamufi bahlonzwe njengemigulukudu eyamaniswa namanye amacala anzima okubalwa ukubulala imeya.
“Abasolwa ababili okunguTshianeo Munyai noPfunzo Lidzebe bayathinteka kwelokubulawa kwemeya kamasipala iCollins Chabane. Kulindeleke ukuba kuqale ukuqulwa kwalelo cala phakathi kuka-29 Meyi no-15 Juni kulo nyaka,” kusho uMashudu Malabi-Dzhangi okhulumela iNPA eLimpopo.
UMunyai uyathinteka nakwamanye amacala okugqekeza ngenhloso yokulimaza enziwa phakathi kuka-2020 no-2022.
UNemakhavhani kuthiwa ubandakanyeka emacaleni okugqekeza, ukugebenga nokweba enziwe eThohoyandou.