BEZIVELE zigcwale amehlo izinyembezi kumalungu omndeni wakwaZondi, eSydenham, eThekwini, ngesikhathi uchaza ukusuka nokuhlala ngokubulawa kosana olunezinyanga ezingu-9 okuthiwa lubulawe nguyise ebusuku bangoMgqibelo.
Kulesi sigameko kushiswe imijondolo elinganiselwa ku-12. Kuthiwa ishiswe nguye umsolwa.
Umsolwa (25), emva kokubanjwa ngamaphoyisa izolo ekuseni, kuthiwa uhambile wayokhomba emfuleni wendawo lapho aphonse khona indodakazi yakhe enezinyanga ezingu-9, uLerato Zondi.
Echaza kabanzi ngesigameko udadewabo kanina wosana, uNksz Nokukhanya Majola, uthe umsolwa ufike endlini yabo wafuna ukungena ngodli. Uthe esengaphakathi, uxabane nonina wengane, uNksz Sphesihle Zondi (22), bebanga yona indaba yengane abethi usola ukuthi akuyona eyakhe.
“Ngokubona ukuthi isimo besisibi, ngithathe ingane ngaphuma nayo, ngayoyifihla komunye wemijondolo oseduze,” kusho uNksz Majola.
Uthe bebesadidizeliswa yisixakaxaka somsindo ngesikhathi kuqubuka umlilo emijondolo eyakhelene nalowo obekufihlwe kuwo usana.
“Ngoba besingekho eduzane, kuthiwa baphumile abanikazi bemijondolo, ngoba bebengeke besakwazi ukuthi bahlale ngaphakathi ezindlini kube kusha umlilo,” kusho yena.
Uthe ingaleso sikhathi, yilapho nowesifazane obenikwe usana ephumele khona emnyango kanti uzozithela phezu kukamsolwa.
“Uthe umsolwa uvele wamphuca ingane, wathi akabuyise ingane yakhe, maqede wabaleka nayo,” kusho uNksz Majola.
Uthe babikele amaphoyisa udaba.Kuthiwa amaphoyisa agcine embamba umsolwa izolo ekuseni, wayowakhombisa lapho aphonse khona ingane.
Unina wosana, obekungavumi nokuthi akhulume ngenxa yobuhlungu, uthe bese kuphele izinyanga ezimbili behlukene noyise wengane kodwa ubelokhu emlandela.
“Ugcine ethatha amaselula ami amabili, nokuyilapho engiye khona kwabomthetho, ngiyomfunela incwadi yesivimvelo ukuze angaphinde asondele eduze kwami. Ngiphinde ngafuna nengcwadi emphoqa ukuthi abuyise amaselula awathathile nokuthi ondle ingane ngenkantolo,” kusho uNksz Zondi.
Uthe yilapho umsolwa amthumelela umyalezo khona ngeFacebook, emtshela ukuthi ngeke yena ondle ingane angenaso isiqiniseko sokuthi ngeyakhe, wathi uzoqale enze ulibofuzo ngaphambi kokuba akhiphe isondlo.
“Angimulwisanga kulokho, ngithulile. Ngixakiwe uma esezongihlasela ngoMgqibelo. Ngimbuze umbuzo owodwa othi yini manje ayizela kimi ngoba wagcina ethi sohlangana uma sesiyokwenza ulibofuzo?” kusho uNksz Zondi.
Omunye wabashelwe yimijondolo yabo, uNksz Nonkonzo Ntongazana, uthe ubelele ngesikhathi kuqala umlilo.
“Ngiphaphanyiswe umakhelwane, obememeza ethi asivuke ngoba imijondolo iyasha,” kusho uNksz Ntongazana.
Uthe bathe uma bephumela emnyango, babona ukuthi umlilo usumkhulu, ayisekho indlela yokuthi bangawunqanda masinyane ukuthi ungashisi izimpahla zabo ngaphakathi.
Uthe kubaphathe kabi ukuthi balahlekelwe yikho konke abanakho ngenxa yomuntu ohluleka ukulawula ukudinwa kwakhe.
Kushaye isikhathi sokushicilela okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal engakaphawuli ngesigameko.