UMMELI wabamangalelwa ecaleni lokufa kukaSenzo Meyiwa, u-Advocate Zandile Mshololo, ubuze ukuthi kungani abaphenyi bengayibophanga intombi kamufi uKelly Khumalo?
UMeyiwa owayeyisilomo se-Orlando Pirates neBafana Bafana, wadutshulwa wabulawa ekubo kwentombi yakhe uKelly eVosloorus, eGauteng, ngo-2014. Kushushiswa abalisa abahlanu okuthiwa yibona abaqashwa bamkakisa okwenyamazane uMeyiwa, bamjuqa.
U-Adv Mshololo, omele ummangalelwa wesihlanu uFisokuhle Ntuli, ubepheka ngemibuzo umphenyi wecala uSergeant Batho Mogola ngesikhathi ebuza indaba kaKelly.
U-Adv Mshololo ubuze kumphenyi ukuthi ngoba basibhala isicelo sencwadi yokuboshwa kukaKelly, bavinjwa yini ukusihambisa?
“Uyazi yini ukuthi isicelo sencwadi yokubopha uKelly sabhalwa kodwa sangahanjiswa? Kungani leso sicelo singathunyelwanga?” kubuza u-Adv Mshololo.
UMogola uthe akazi ukuthi incwadi yokubopha uKelly yavinjwa yini. Phambilini, umphenyi wecala ohola ithimba uBrigadier Bongani Gininda, waqinisekisa ukuthi basibhala isicelo kodwa bangasiqedela.
Ezitatimendeni ezemukelwe yinkantolo njengobufakazi, kuvela ukuthi abamangalelwa bathi babeqashwe wuKelly ukuthi bajuqe uMeyiwa.
Ngesikhathi abamangalelwa bevela enkantolo okokuqala, kwaputshuka ipheshana elalikhuluma ngokuthi kusafanele kutholwe amarekhodi eselula kaKelly.
U-Adv Mshololo ubuze nangedokodo lesibili elimaqondana nakho ukufa kukaMeyiwa nakhona uKelly awumsolwa kulona.
“Uyazi yini ngelinye idokodo maqondana nalolu daba elinabamangalelwa abangekho la enkantolo?’’ kubuza u-Adv Mshololo. UMphenyi uthe uyazi ngedokodo lesibili elinabanye abasolwa okukhona kubona uKelly.
U-Adv Mshololo ukhulume nangobufakazi bokuthi ummangalelwa wesihlanu uNtuli wayexhumana noKelly. Ubuze ukuthi kuyicala yini ukuthi abantu baxhumane?
Phambilini, kuke kwavela ukuthi uNtuli wayexhumana noKelly ngocingo ezinzulwini zobusuku ngaphambi kwezinsuku zokufa kukaMeyiwa.
UMbuso uthi uNtuli omelwe wuMshololo, nguyena owashayela iPolo Vivo, eyayinabamangalelwa kuyobulawa uMeyiwa futhi wama ngaphandle komuzi nabanye.
Kumanje uNtuli udonsa isigwebo soxhaxha lodilikajele ngamacala okubulala nokuthiwa wayeqashwa eyinkabi eqeda ngabantu.
Kulindeleke ukuthi icala liqhubeke namuhla, abameli bafake eminye imibuzo kufakazi woMbuso owumphenyi.