LUGOBILE uphondo kuNgqongqoshe wezaseKhaya, uDkt Aaron Motsoaledi, noMqondisi-Jikelele wehhovisi lakhe uMnuz Livhuwani Makhode. INkantolo yoMthethosisekelo ikhiphe isinqumo sokuthi kufanele bakhokhe izindleko futhi ziphume emaphakethini abo.
Udaba obelubangwa enkantolo luthinta amalungelo abantu bokufika kuleli kanti iLawyers for Human Rights, yiyona okufanele ikhokhelwe izindleko zenkantolo. Lokhu kusukela ekutheni uMnyango wezaseKhaya wehlulekile wukubuyekeza imithetho ethinta abokufika kuleli, eminyakeni eyisithupha edlule. Inkantolo ithe kwakufanele umnyango ucophelele.
UMotsoaledi ubelokhu egqigqa izinkantolo ngezindaba ezithinta abantu bokufika kuleli futhi lubangisa umsindo.
UMnyango wezaseKhaya ukhiphe isitatimende uchaza ukuthi izindleko zizokhokhwa uma abameli sebelethe amaphepha aveza ukuthi kufanele akhokhe malini ungqongqoshe nesikhulu somnyango. Umnyango uthe ungqongqoshe uzokwenza konke okusemandleni ukuqinisekisa ukuthi isimo esinje siyagwemeka.
Umnyango uthe nakuba kulindeleke ukuthi ungqongqoshe akhokhe kodwa nawo unesikhalo ngemali yawo elinganiselwa kuR 222 862, 60 okufanele ibuyele kubona eyadliwa ngabameli thizeni kungafanele.
Bathe laba bameli baqhubeka nodaba enkantolo ngaphandle kokwazisa ungqongqoshe nokwadala ukuthi umnyango udliwe imali kungafanele.