IPHOYISA elibheka amanyela eminwe ezigamekweni zobugebengu, elaba ngelokuqala ukufika emzini okwadutshulwa kwabulawa kuwo unozinti weOrlando Pirates neBafana Bafana, uSenzo Meyiwa, lithe kungenzeka ukuthi ukubikwa sekuhambe isikhathi kwecala nokunganikezwa kwalo ikheli, kwaba nomthelela ekutheni ubufakazi bungaqoqeki kahle endaweni yesigameko.
USergeant Thabo Mosia izolo, ubuyele ebhokisini lofakazi eNkantolo eNkulu yasePitoli, ephoswa imibuzo wummeli womunye wabasolwa abasolwa ngokubulala uMeyiwa, uAdvocate Mshololo.
Ekuseni, uMshololo uqhubeke lapho kade egcine khona nemibuzo yakhe abeyibhekise kuMosia. Eseqedile umshushisi u-Advocate George Baloyi, naye ube esemphonsa imibuzo nakuba abameli babasolwa okunguMshololo omele ummgangalelwa wesihlanu, uMnuz Fisokuhle Ntuli no-Advocate TT Thobane omele abamangalelwa abane, kade bephikisana nalokhu.
Bebethi uMbuso kubukeka sengathi uzama ukukhumbuza uMosia ukuthi wayephendule wathini phambilini. UBaloyi uzivikele ngokuthi uMbuso ufuna ukucaciselwa ngezimpendulo ezithile, hhayi ukuthi ufunda bonke ubufakazi obethulwa uMosia phambilini.
UMshololo ubuze uMosia ukuthi ngabe ukuphuza kokubikwa kwecala nokufika kwakhe sekudlule isikhathi, kwaba nomthelela yini ekuphazanyisweni kwendawo yesigameko?
“Isigameko sabikwa ngemuva kwamahora amane senzekile. Ngaleso sikhathi ngishayelwa ucingo ikheli anginikwanga, ngaya esibhedlela kwayi-ma ngilithola khona. Lokhu kungenzeka ukuthi kwaba nomthelela ekutheni kuphazamiseke indawo yesigameko,” kusho uMosia.
Lo mbuzo ubuye wavela futhi usubuzwa uBaloyi, wawuphendula ngendlela efanayo.
UBaloyi ubuye wabuza ngedokodo lesibili wathi: "Ngesikhathi ubhala isitatimende sesibili, ingabe watshelwa yini ukuthi lokho kwakuzofakwa edokodweni lesibili, ikhona ingcindezi owayithola ekutheni usibhale kanjani?"
Uphendule wathi: "USergeant Buthelezi owayengiyalela ukuthi ngibhale isitatimende, akangitshelanga ukuthi kunedokodo lesibili, wathi angibhale isitatimende ngichaze engakufica endaweni yesigameko kodwa konke engakubhala ngazibhalela mina," kusho yena.
UMosia akazange awathathe amanyela eminwe egobolondweni lenhlamvu alithola phezu kwekhabethe emzini okwabulawa kuwo uMeyiwa.
"Ngabe leli gobolondo yilo yini elihlanganisa ummangalelwa wesihlanu necala?" kubuza uMshololo.
UMosia uphendule ngokuthi: "Angiyena ungoti, ngongoti abangawuphendula kangcono lowo mbuzo."
Abamangalelwa abamelwe ngu-Adv Thobane ngoMnuz Muzikawukhulelwa Sibiya, Bongani Sandiso Ntanzi, Mthobisi Prince Mncube noMthokoziseni Ziphozonke Maphisa.