UMNYANGO wezeNhlalakahle yoMphakathi kuleli, usezinhlelweni zokunxenxa iKhabhinethi yakuleli, ukuthi yelule isikhathi sokuholwa kwesibonelelo sabangatohozi kuleli ngeminyaka emibili.
Lokhu kuvezwe nguNgqongqoshe walo Mnyango uNksz Lindiwe Zulu, ephendula umbuzo welungu le-IFP uNksz Liezl van der Merwe ePhalamende.
UNksz Van Der Merwe ubuze ukuthi njengoba lesi sibonelelo esinguR350 nyanga zonke esiholwa ngabangasebenzi kuleli sizonqamuka onyakeni wezimali u-2023/2024, yiziphi izinhlelo uMnyango onazo ukuqinisekisa ukuthi abantu kababhuqwa yindlala.
Uthe sizokwehliswa nesibalo sabasiholayo sisuka ku-26.6 million siya ku-19.6 million, onyakeni wezimali u-2025/2026 okuzoshiya abantu abangu-7 million, bengenawo umholo ngakho iziphi yizinhlelo zokubasiza.
UNksz Zulu uthe baphothule uhlelo lokuxhumana nezinhlaka ezehlukene kuleli ngomgomo othinta isibonelelo sabangasebenzi kuleli.
“Inhloso yokwenza lokhu ngukuthi siqinisekise ukuthi labo abantulayo bayaqhubeka nokuhlomula kuhulumeni. Simatasa sichibiyela siphinde silungise lapho kwaba neziphakamiso khona ezivela ezinhlakeni ezehlukene ukuze siye nazo kwiKhabhinethi.”
Uthe bethemba ukuthi iKhabhinethi izobeseka ukuze baqhubeke nokukhokha lesi sibonelelo.
“Uma kungukuthi iKabhinethi iyawugunyaza umgomo wokuthi kube nalesi sibonelelo ungunaphakade, sizobe sesicela ukuthi silulelwe ngeminyaka emibili kuze kube nento ezoba ngunomphela.
“Kule minyaka emibili esiyicelile, senzela ukuthi abahlomulayo baqhubeke nokuthola lolu sizo,” kusho uNksz Zulu.
Uthe lesi sibonelelo sisiza ukutakula abantu obubheni.
“Sisiza ekutheni abafundi bangalaxazi isikole, abanye bangalambi. Lesi sibonelelo sifukula nomnotho wezwe ngoba imali esuke ikhokhelwe abangasebenzi bathenga ngayo ukudla bese ifukula umnotho.”
Kuzokhumbuleka ukuthi lesi sibonelelo salulwa kanti kumele siphele ngoMashi 2024. Saqala ukuholwa ngesikhathi kuhlasele ubhubhane iCovid-19 kuleli ngo-2020.
Ziningi izihlangano zomphakathi kanjalo namaqembu ezepolitiki afuna sinyuswe lesi sabelo ngoba ekhala ngokuthi mncane uR350 ngenyanga.
Lezi zinhlangano zaphakamisa ukuthi okungenani le mali kumele ibe ngaphezu kukaR400.
UNksz Zulu watshela iPhalamende ukuthi kulo nyaka bathole izicelo ezingu-3.5 million, zababefuna ukuhola lesi sibonelelo. Kulaba ababalelwa ku-700 000 ngabaneziqu zemfundo ephakeme.