UNGQONGQOSHE wezeziMali uMnuz Enoch Godongwana, uthe kudingeka kube nokuvumelana ngokuthi kuzoxhaswa ngani ukunyuswa kwemali eholwa ngabantu abangasebenzi.
UGodongwana uphedule umbuzo welungu le-DA ePhalamende, uNksz Amelia Abrahams, obuze ngezizathu ezenze ukuthi uMgcinimafa achithe isicelo soMnyango wezeNhlalakahle, sokuthi anyuse isabelo esiholwa abangasebenzi sisuka kuR350 ngenyanga siye kuR420.
Ubalule ukuthi kwabuyiselwa emuva kuMgcinimafa uR1.767 billion, ongazange usetshenziswe yilo mnyango ekoteni yesithathu yonyaka-mali u-2022/2023.
UGodongwana uthe uhlelo lokwakha isabelomali luthinta izinto eziningi eziyizidingo ezibalulekile.
“Sasikucacisile ukuthi ukunyusa isibonelelo sabangasebenzi kuzosidla uR65.3 billion. Njengoba izwe lidinga izinto eziningi kangaka kanjalo nesabelomali salo nyaka singeke sanele, kunzima ukuthi singanyusa imali yabangasebenzi.”
Uthe ukongiwa kwemali esuke ingasebenzanga kuholela ekutheni kuvalwe ngayo umgodi ovulwa wukushoda kwesabelo.
“Yingakho kudingeka ukuthi kube nokuvumelana ukuthi le mali inyuswe kubhekwe nokuthi izothathwaphi imali yokusinyusa lesi sibonelelo esibalulekile,” kusho uGodongwana.
Kuzokumbuleka ukuthi uhulumeni ulule ukuholwa kwalesi sabelo kuze kube unyaka ozayo njengoba bebalelwa ku-10 million abantu abangasebenzi.
Isibonelelo siqale ukusiza abangatohozi ngesikhathi kuhlasele ubhubhane iCovid-19.
Amaqembu amaningi ezepolitiki nomphakathi ontulayo bafuna kuqhutshekwe unomphela ukuholwa kwesibonelelo sabantu abangasebenzi ukuze kuvalwe igebe elikhona kulabo abantulayo.
Sekukhalwe kakhulu ngokuthi selokhu lesi sabelo saqala ukuholwa kuleli asikaze sinyuke njengoba kwenzeka kwezinye izibonelelo ezinyuka njalo ngonyaka uma uNgqongqoshe wezeziMali, ethula isabelomali sonyaka.