UPHITHENENE amakhanda umndeni wakwaNdimande eXobho ngemuva kokuba ugogo emelwe yinhliziyo washona ezwa izindaba zokubulawa ngokudutshulwa komzukulu wakhe.
Isolezwe lithole ukuthi uNkk Vikephi Ndimande (79) uhlulekile ukwamukela izindaba zokubulawa komzukulu wakhe, uMnuz Zakhele Ndimande (38) obesebenza eFree State.
Owomndeni okhulume neSolezwe wacela ukuba lingabhalwa igama lakhe uthe baphithene amakhanda ngokubehlele emndenini.
Elandisa uthe bathole ucingo obelubazisa ukuthi uNdimande udutshulwe ngabantu abangaziwa esendaweni aqashe kuyona eFree State.
Uthe uNdimande ubesebenza egada kwenye yezinkampani angathandanga ukuyidalula.
Uthe kubaphethe kabi ukubulawa kwakhe ngoba ubengumuntu ozithobile futhi obengakuthandi nokuxabana nabanye abantu.
Uthe bebengamathe nolimi uNdimande noninakhulu. Uthe ngemuva kokuba kungene ucingo obelubazisa ngokubulawa kukaZakhele bahlale phansi bamazisa ugogo.
"Asazi ukuthi kwenzekeni uvele wapeqa amehlo wawavula kakhulu ehlezi kusofa. Ubambe esifubeni kwathi sisabiza i-ambulensi kwabe sekonakele njalo,'' usho kanje.
Uthe basola ukuthi umelwe yinhliziyo uma ezwa lezi zindaba. Uthe bekuthi njalo uma kuwusuku lokuzalwa kukagogo uZakhele ashiye konke abuye eze eXobho anikeze ugogo izipho ezahlukene nemali.
"NgoJuni 5 kwakuwusuku lukagogo lokuzalwa, uZakhele wafika wamthengela ikhekhe wamupha no-R2 000. Ugogo waze wamqabula.’’ Uthe bafe olwembiza ngokubulawa kukaNdimande njengoba kungekho ababikela khona mayelana nezitha.
"Okubuhlungu ukuthi manje sesibhekene nomthwalo wokuthi kumele singcwabe izidumbu ezimbili,'' kusho owomndeni.
Uveze ukuthi isidumbu sikaNdimande sebesisusile eFree State basiletha emakhazeni aseThekwini lapho beyise khona esikagogo.