UMCWANINGIMABHUKU uNksz Tsakani Maluleke, ukweneke obala ukubhimba kwezinhlelo komasipala phambi kwePhalemende. Uthi abanalo uzinzo, nobuholi obuqotho futhi yikhona okuholela ekutheni bangasebenzi kahle.
UMcwaningimabhuku ubevele phambi kwekomiti lePhalamende, elelusa ukusebenza kwehhovisi lakhe. Ubeyokwethula umbiko obanzi ngokusebenza kwehhovisi lakhe elinikwe umsebenzi wokuqapha izikhungo zikahulumeni.
Ihhovisi lomcwaningimabhuku livamisile ukukhipha imibiko likhale ngomasipala abangenzi kahle uma kukhulunywa ngokuphathwa kwemali. Omasipala bavame ukungayitholi imibiko emihle yemali.
Uthe ukwandiswa kwamandla ehhovisi lakhe kusizile futhi bayazibona izithelo kodwa kusenezinkinga komasipala. Uthe ukusalela emuva ekutheni kuphenywe ngemva kokukhishwa kwemibiko yenkohlakalo, ukungathathelwa izinyathelo kwabahlulwa wumsebenzi konke kuyaphazamisa.
“Uhulumeni wasekhaya uyisigaba esinzima wona ngoba alukho uzinzo, imibiko yezimali engemihle, amakomiti akhona awazisukumeli izinto kahle, ukungalandelwa kwemigomo yokuthenga impahla nokungaphathwa kwemali kahle,” kusho uMcwaningimabhuku.