UMENGAMELI we-Abantu Batho Congress (ABC), uMnuz Philani Mavundla, uzokusheba nokusebenzisana ne-ANC ukweseka kwakhe iqembu elikhankaselwa owayengumengameli, uJacob Zuma, uMkhonto weSizwe.
UMavundla, osondelene noZuma, uthe ukweseka kwakhe uMkhonto weSizwe angeke kuthikameze isivumelwano sokusebenzisana komasipala baKwaZulu-Natal esiphakathi kwe-ABC ne-ANC.
I-ABC ne-ANC babusa ngokubambisana uMasipala waseMvoti, uMavundla wuye oyimeya yalo mkhandlu.
Ukusho lokhu ngesikhathi ephebeza amahlebezi okuthi kungase kugqashuke igoda kula maqembu njengoba esehamba noMkhonto.
“Isivumelwano esiphakathi kwe-ABC ne-ANC esokusebenzisana komasipala, angeke siphazanyiswe izinto ezenzeka esifundazweni nokuzwelonke.”
UMavundla unobudlelwano obuhle noZuma obaqala ukugqama kakhulu ngesikhathi uZuma ekhankasela ukuba umengameli we-ANC.
UMavundla, ophinde abe usomabhizinisi, wayesekhaleni lokweseka uZuma ngesikhathi ebhekene namacala.
UMavundla uthe akukho okushaya amanzi ngobudlelwano bakhe noZuma.
“Sihlanganiswe ukuhloniphana nokuba nombono ofanayo uma kuziwa kwezokuthuthukiswa kwabanu abamnyama. Kuyinto eyaziwa nayingane encane ukuthi njengobuholi be-ABC siyabuhlonipha kakhulu ubuholi bukaZuma. Ungumholi onamagalelo amangazayo, ikakhulukazi kubantu baKwaZulu-Natal.
“Noma bengamgxeka kanjani uZuma, imisebenzi emihle ayenzile ethuthukisa abantu abamnyama, iyazikhulumela. Ukwesekwa akutholayo uMsholozi kusukela amemezela ukuthi uzovotela uMkhonto weSizwe, kukhombisa ngokusobala ukuthi abantu bakuleli bayamethemba.”
UMavundla uthe i-ABC yeseka yonke imizamo yokuba kube nobumbano kubantu abangumsinsi wokuzimilela.
“Kuyasikhathaza ukuthi nakuba labo abangumsinsi wokuzimilela bekhombisa umdlandla wokungena kwezepolitiki, bahlukene kakhulu. Lokhu kukhonjiswa ukuba khona kwamaqembu amaningi ezepolitiki. Lesi simo senza ukuthi abantu abamnyama baqhubeke nokucindezeleka kwezomnotho.
“Njenge-ABC, sinxusa ukuba abantu abamnyama babumbane ukuze siqede ingcindezelo. Sekuphele iminyaka engu-30 abantu bakuleli bevota kodwa abantu abamnyama bayaqhubeka nokubhuqwabhuqwa ububha.”
UMavundla uthe kungenzeka i-ABC ibe nokubambisana noMkhonto weSizwe.
“Igama le-ABC neloMkhonto weSizwe anomlando uma kuziwa emsebenzini wokukhulula abamnyama ongakapheli. Kwenza umqondo ukuthi lezi zinhlangano zihlale phansi zibonisane.”
UMavundla uthe isigungu esiphezulu kwi-ABC sizokwenza isimemezelo ngodaba oluthinta uMkhonto weSizwe emva komhlangano ozokuba kule nyanga.