IGODUKE isithwele izinsiza zokuthuthukisa amabhizini ayo intsha ewu-150 engaphansi kukaMasipala uMhlathuze ngesikhathi kunomcimbi wokuzidlulisela kwababefake izicelo eNgwelezane, eMpangeni.
Lo masipala oholwa uMnuz Xolani Ngwezi, usebenzise imali engu-R1 million ukuthenga izinsizakusebenzi okubalwa kuzo imishini yokuthunga, imishini yokugunda utshani, iziqandisi, imishini yokugunda izinwele, izitofu nokunye ukuze ikwazi ukuthuthukisa amabhizinisai ayo.
Bekungokwesibili kunomcimbi walolu hlobo njengoba owokuqala ube khona nyakenye.
UNksz Bongiwe Mthembu, waseNseleni onebhizinisi lokukhulisa amatshwele, uhlomule nge-incubator okungumshini omumatha amatshwele angu-1000 ukuze amaqanda achanyiselwa yizinkukhu agcineke efudumele.
"Ngithokoze kakhulu ukuthi ibhizinisi lami lizokwazi ukuthi lenze umkhiqizo omningi, abantu ngeke besalinda isikhathi eside njengoba ukuchamisela amatshwele kuthatha izinsuku ezingu-21. Ukuba ne-incubator efaka amaqanda amaningi kuzokwenza ukuthi umkhiqizo wami uhambe," kusho uNksz Mthembu.
Uthe ukuba ne-incubator encane kumlahlekisele ngamakhasimende.
"Amakhasimende abegcine esethenge kwezinye izitolo engasathengi kimi. Okunye wukuthi amaqanda ayabiza futhi awatholakali kalula, bengize ngiwathenge eGoli," usho kanje.
UMnuz Langelihle Shabalala waseSikhaleni onebhizinisi eliwasha amateku, iKick Slack yena uhlomule ngetende, itafula kanye nensipho yokuwasha amateku.
"Itende lizosisiza kakhulu ngoba sisebenza endaweni evulekile, ngakho sinokuphazamiswa imvula uma ina, singakwazi ukusebenza nokwenza ukuthi ibhizinisi lethu lingayingenisi imali," kusho uShabalala.
Uqhube wathi njengoba kuyinyanga u-Juni ibhizinisi lenza kahle kakhulu.
"Njengoba kungamaholidi kuyenzeka siwashe amateku angu-20 futhi sisebenza kakhulu uma kunemicimbi ngoba baba baningi abantu abafuna ukuwashelwa amateku ngokushesha. Amateku ajwayelekile siwabiza uR60, amhlophe siwawashe ngo-R70, ebese ama-suede kuba ngu-R100 ngoba kudingeka okokufutha ukwenzela ukuthi singalimoshi iteku," usho kanje.
UMnuz Ayanda Mpanza ohlomule ngomshini wokuthunga, uthe lokhu kuzomkhuthaza kakhulu, wanxusa ukuthi intsha ingakubukeli phansi ukuthunga.
"Umshini ekade ngiwusebenzisa ubusebenza ebese uyakhathala njengoba ububizwa nge-domestic, kodwa manje ngoba ngithole umshini we-industrial, ngizosebenza kakhulu. Kuyinto enhle ukuthunga futhi kunayo inzuzo ngoba akekho umuntu ongakudingi ukugqoka," kusho uMpanza.