UNgqongqoshe wezokuVikela uNkk Thandi Modise uthi usacabanga ngesicelo sobenguSomlomo wePhalamende uNkk Nosiviwe Mapisa-Nqakula sokuthi umnyango wakhe ukhokhele izindleko zabameli emacaleni abhekene nawo.
UMapisa-Nqakula osule njengosomlomo emasontweni amabili, uthweswe amacala angu-12 athinta inkohlakalo nokushushumbisa imali.
Ubuye asolwe ngokwamukela intshontsho komunye wosonkontileka owayethole ithenda eMnyangweni wezokuVikela ngesikhathi esanguNgqongqoshe kulo mnyango.
Ungaphandle ngebheyili ka-R50 000 ayinikwa yiNkantolo yasePitoli, icala lakhe lahlehliselwa uJuni 4.
UModise uthe uthole isicelo kuMapisa-Nqakula ngoLwesihlanu sokuthi ufuna umnyango umlekelele ngezindleko zabameli emacaleni akhe.
Uthe isicelo singene ehhovisi lenhloko yezomthetho embuthweni wezokuvikela iSouth African Defence Force, uMajor General Eric Mnisi.
Kuthiwa uMnisi uvele wasisukumela ngaphandle kokwazisa ungqongqoshe noma unobhala wezokuvikela uDkt Thobekile Gamede ongomunye wabantu abengamele umnyango, ikakhulukazi ezintweni ezithinta imali.
“Isenzo sikaGeneral Mnisi sokwengamela lolu daba ngaphandle kokulandela imigudu efanele sifana nokungabahloniphi abaholi eMnyangweni wezokuVikela,” kusho isitatimende.
“Sengiyalele uNobhala wezokuVikela uDkt Gamede ukuthi abheke isenzo sikaGeneral Mnisi ngasohlangothini lokulandela imigudu ngoba kunemigudu okumele ilandelwe uma kunezicelo ezinje,” kusho uModise.
Uthe usacabanga ngesicelo futhi uzolandela umthetho ngenhloso yokuvikela imali yabakhokhi bentela.