UBEVUTHA engabaselwe umholi we-EFF uMnuz Julius Malema ePhalamende namuhla njengoba kunenkulumo-mpikiswano yezinsuku ezimbili ngenkulumo kaMengameli uCyril Ramaphosa ayibhekise ezweni.
Amaqembu aphikisayo ashiyelana inkundla ehlakaza inkulumo kaRamaphosa ebiqukethe izinhlelo zakhe ngezimo eziningi ezibhekene nezwe, okubalwa kuzo inkinga yokucishwa kukagesi okuhleliwe, isimemezelo sokufakwa kwezwe ngaphansi kwesimo senhlekelele, ungqongqoshe omusha kagesi nokunye okuthinta umnotho nenhlalakahle yabantu.
Ngaphambi kokungena enkulumeni kaMengameli, uMalema uhlabe okwenziwe ngabezokuphapha ePhalamende begasela ngaphakathi egunjini obekuhlangenwe kulo behlome beyizingovolo ngemizamo yokuvikela uMengameli kubo (EFF) kwazise bekubukeka sengathi bayohlasela uMengameli sebekhisha ePhalamende.
“Kungumsebenzi kaSomlomo wePhalamende ukuqinisekisa ukuthi amalungu ePhalamende enza umsebenzi wawo ngaphandle kokwesaba nokusatshiswa,” kusho uMalema.
“Akumele nanini amaphoyisa avunyelwe ukungena egunjini ngoba yilapho okuqinisekiswa khona ukuthi isigungu esiphezulu siyasebenza futhi labo abaphethe uma bengenazo izimpendulo, bangalingeka basebenzise umbutho wezokuvikela ukubasabisa.”
UMalema uveze nokuthi bazofaka isiphakamiso sokungabethembi ubuholi bukaSomlomo wePhalamende, uNkk Nosiviwe Mapisa Nqakula futhi bayayihoxisa inhlonipho ababemkhombisa yona ngoba usebonisile ukuthi akalihloniphi iPhalamende.
“Kungumsebenzi kaSomlomo ukuqinisekisa ukuthi amalungu ePhalamende enza umsebenzi wawo ngaphandle kokusatshiswa. Asikho isidingo sokwenza sengathi bavikela uMengameli kubantu abahlala naye lapha ePhalamende.
“UMengameli uzisholo yena ukuthi ubedlala igalofu ngosuku olulandelayo akazange azizwe engaphephile noma esaba ngesikhathi esePhalamende,” kuqhubeka yena.
UMalema ubuye wakhwela wadilika kungqongqoshe wamaphoyisa ngodaba lwetulo lokubulala unobhala jikelele we-EFF.
Uthe sekukaningi besho ukuthi ungqongqoshe wamaphoyisa akaphethe lutho ngale kokuba unontanda-kubukwa.
“Sekukaningi sinxusa uMengameli ukuthi ashintshe ubuholi bamaphoyisa akhulule nalo ngqongqoshe ojabulela kuphela ukuma phambi kwamakhamera. Sikhuluma nje ubugebengu sebande kakhulu, angifuni nokukhuluma ngamacala obulili, nokugetshengwa kwezimoto zemali,” kusho uyena.
Uqhubeke into engafenyisa ukulwa nobugebengu wukuthi ubuholi bamaphoyisa busebenzisana nazo izigebengu.
“Ubuholi bamaphoyisa busebenza nabadayisa izidakamizwa, busebenza nezinkabi futhi bukhokhelwa yimigulukudu yabesilisa nabesifazane kuleli.
“Ubuholi bamaphoyisa yibona obahlela ukusoconga iphini likamengameli wethu, lolu daba saludlulisela kuMengameli simvezela ukuthi ungqongqoshe uyathinteka etulweni lokuzama ukubulala iphini likamengameli we-EFF, lolo daba lubikiwe futhi lwaqinisekiswa.
Uqhubeke wathi ngesikhathi kubulawa indodakazi yalowo owayenguNobhala Jikelele we-EFF, amaphoyisa aseNingizimu Afrika aya kubasolwa abatshela ukuthi awafake igama likaFloyd Shivambu njengomuntu abasebenza naye ukubulala le ngane.