UMHOLI we-EFF, uMnuz Julius Malema, ufuna kubuyiswe amalungu enhlangano KwaZulu-Natal ahlubuke emva kwengqungquthela yokukhetha ubuholi besifundazwe ngonyaka owedlule.
UMalema uthe kubalulekile ukuthi i-EFF ibuyise wonke amalungu ayo njengoba ilungiselela ukukhankasela ukhetho lukazwelonke olungonyaka ozayo.
Lokhu ukusho ngesikhathi esonga uhambo lwakhe lwezinsuku ezimbili eKwaZulu-Natal.
Uhambo lukaMalemabelubandakaya umgubho weminyaka eyishumi kwasungulwa i-EFF olugutshwe ekhaya labadala, eNtokozweni Village, nosuku lwentsha olugutshwe eDurban University of Technology.
Lolu hambo ulusonge ngokuhlanza indawo eselokishini eMagwaveni, oThongathi, ngoMgqibelo.
I-EFF inomkhankaso wokuhlanza izindawo ezahlukene oqanjwe ngoMnuz Andries Tatane, owadutshulwa wabulawa ngamaphoyisa ngesikhathi kunombhikisho womphakathi owawukhala ngezidingo.
Ethula inkulumo yokubonga amalungu eqembu abe yingxenye yomkhankaso, uMalema unxuse ukuthi kube nobumbano kwi-EFF.
Kuke kwaba nemvunge kwi-EFF ngaphakathi kulandela ingqungquthela yokukhetha ubuholi besifundazwe eyayingonyaka owedlule.
Emva kwale ngqungquthela amanye amalungu eqembu aholwa owayengunobhala wenhlangano esifundazwe, uMnuz Sifiso Mthethwa, aphuma asungula i-African Economic Freedom.
Amanye amalungu e-EFF ahambe emva kokuthi i-EFF ithathe isinqumo sokuyeka ukuvota ne-IFP komasipala baKwaZulu-Natal.
Lesi sinqumo saholela ekwesuleni kwamakhansela nabaholi be-EFF ikakhulukazi esifundeni iZululand.
“Sizosebenza sonke ngokubambisana. Sizoyikhulisa i-EFF KwaZulu-Natal. Sizokwenza isiqiniseko sokuthi i-EFF iyabonakala zonke izingxenye zesifundazwe, siphinde senze isiqiniseko sokuthi sithola amavoti amaningi.
“Nalabo asebelahle ithemba nalabo abacasulwa imiphumela yengqungquthela, hambani niyobalanda. Isikhathi sokuphikisana sesiphelile. Njengamanje sekuyisikhathi sokuthi sibhekane nesitha. Sonke siyazi ukuthi isitha sethu asikho kwi-EFF. Isitha siyachanasa ngaphandle.”
UMalema uthe kubalulekile ukuthi kube nobumbano eqenjini njengoba kuza ukhetho.
“Ukhetho lwangonyaka ozayo ludinga ukuthi sibumbane. Uma sisuka la sizoshumayela ubumbano.”
UMalema uthe i-EFF isemathubeni okwenza kangcono KwaZulu-Natal ikakhulukazi emalokishini.
UMalema uthe ukwenza imikhankaso efana neyokuhlanza izindawo yikhona okuzoyenzela ugazi ebantwini i-EFF.
“Uma ubheka kahle emalokishini aKwaZulu-Natal i-EFF iyona elele isibili. Kufike kube yi-ANC phambili bese kulandela i-EFF. Uma siqhubeka nokwenza izinto ezinhle emiphakathini, yithina esizohamba phambili.”