UTHELEKE ekuseni ngo-6 ejele eliseMtshezi, owayengumengameli wezwe uMnuz Jacob Zuma. Kepha, utshelwe ukuthi akabuyele ekhaya futhi ngeke asidonse isigwebo ngoba uthole ushwele kamengameli.
Inhloko yamaJele, uMnuz Makgothi Thobakgale, imemezele lokhu ngoLwesihlanu ekuseni isejele eMtshezi, lapho abebesingethe khona udaba lukaZuma.
UZuma walahlwa yicala lokwedelela umyalelo wenkantolo wagwetshwa izinyanga eziwu-15 ejele. Waqala isigwebo sakhe wahlala kancane wase ededelwa ngoshwele wokugula nokuyinto eyasusa umsindo. I-DA yafaka udaba enkantolo, yanquma ukuthi ukhishwe kungafanele uZuma ejele.
Emuva kwesinqumo senkantolo, izikhulu zamajele kudingeke ukuthi zikhiphe isixazululo ngodaba lukaZuma. INhloko yamaJele, uThobakgale, ithe uZuma ufikile ejele eMtshezi, kwenziwa konke wase efakwa ngaphansi kohlelo lukashwele weziboshwa ezilahlwe amacala amancane.
Lokhu kusho ukuthi ngeke esahlala ejele njengoba bekulindelekile ukuthi aqedele isigwebo sakhe. Amaqembu aphawulile ngodaba lukaZuma. I-ANC KwaZulu- Natal, ithe iyasemukela isinqumo sokunika uZuma ushwele.
I-ANC income uRamaphosa ngokubeka phambili izwe ngesikhathi ethatha isinqumo ngoZuma. Nakuba i-ANC isemukele isinqumo kodwa amaqembu aphikisayo awotha ubomvu athi uZuma bekufanele aye ezikhindini.
I-DA ithe lokhu okwenzekile ayikwemukeli neze futhi kukhona izinyathelo ezozithatha maqondana nakho. I-Action SA ithe isinqumo sikaRamaphosa sokunika iziboshwa ezingu- 9 488 ushwele ngenxa yokuthi ufuna ukudedela uZuma, siwubudedengu sibeka engcupheni umphakathi.
I-Actions SA ithe lokhu kuyacaca ukuthi uRamaphosa ubeke phambili inhlangano yakhe i-ANC ngesikhathi ethatha isinqumo.