ULAXAZE isicelo sebheyili owesilisa obhekene necala lokubulala owayeyintombi yakhe, kwenye yezindawo ezihlala izitshudeni zaseTUT ekuqaleni kwale nyanga.
UNgcebo Thusi (23), uvele phambi kweMantshi yasePretoria namhlanje, ummeli wakhe utshele inkantolo ukuthi uyalelwe ukuba angabe esaqhubeka nokufaka isicelo sebheyili.
UThusi ongumdlali webhola lombhoxo ubhekene necala lokubulala uNtokozo Mayenzi Xaba (20) nokuphazamisa ukusebenza kwengalo yomthetho.
Lo msolwa ukhonjwe njengomuntu wokugcina ukubona uNtokozo ephila ngomhla ka-1 kwephezulu.
Kuthiwa ngalolu suku, umufi ubehleli nabangani bakhe bethokozile lapho abehlala khona ePretoria Gardens.
“Kuthiwa umsolwa ungomunye wabantu ababeyingxenye yomcimbi. Ababekhona bathi umufi wasala naye umsolwa ezintatha zangomhla ka-1 kwephezulu,” kusho uLumka Mahanjana, okhulumela iNPA.
Isidumbu sikamufi satholwa ngabangani bakhe ngosuku olulandelayo bethi beyomhlola.
Isidumbu satholakala sinamanxeba amaningi okugwazwa, okuyilapho kwabikelwa khona amaphoyisa, umsolwa waboshwa ngosuku olulandelayo.
Namuhla, umshushisi uMashudu Nembulunge utshele inkantolo ukuthi uMbuso uzosiphisikisa isicelo sebheyili kuleli cala.
Icala lihlehliselwe umhla ka-30 Mashi njengoba uphenyo lusaqhubeka, umsolwa uzogqunywa esitokisini kuze kufike lolo suku.