ULAXAZE isicelo sebheyili umshayeli weloli eyadala ingozi enyantisa igazi kuN2 ngasoPhongolo.
USibusiso Siyaya (28) uvele okwesibili phambi kweNkantolo yeMantshi yasoPhongolo, kulandela le ngozi eyenzeka emasontweni amabili adlule.
USiyaya ubhekene namacala angu-20 okubulala ngokungenhloso ngenxa yengozi eyenzeka emasontweni amabili adlule ngesikhathi iloli lakhe lishayisa iveni elalilayishe izingane zesikole nabantu badala.
Umbiko woMnyango wezokuThutha owethulwa nguNgqongqoshe walo mnyango ngeledlule, uMnuz Fikile Mbalula, waveza ukuthi ubudedengu bomshayeli weloli yibona obaholela kule ngozi eyabulala abantu abangu-20.
Kwabashonile kukhona izingane zezikole eziwu-18 ezineminyaka ephakathi kwemihlanu no-13 nabantu abadala ababili bonke ababesevenini.
Ethula umbiko, uMbalula uveze ukuthi umshayeli weloli wayesika endaweni okungafanele asike kuyona.
“Lo mshayeli wayehamba ohlangothini lwezimoto okufanele ukuthi uphambana nazo kodwa yena wagcina esebhekana nazo ngqo. Wayebeka impilo yakhe neyabanye abashayeli engcupheni ngalobu budedengu. Umbiko sizowudlulisela kumshushisi wamacala omphakathi,” kusho uMbalula.
Bekulindeleke ukuthi uSiyaya afake isicelo sake sebheyili namhlanje kodwa washaya ungqimphothwe.
Icala lakhe lihlehliselwe u-Okthoba 25 njengoba uphenyo lusaqhubeka.