UTHUKA izanya umndeni wowesilisa wakwa-B, eMlaza, owayehamba ngesihlalo esinamasondo owaqhululwa ngentululwane yezinhlamvu washona ekuqaleni konyaka.
Ukhala ngokuthi usuhlafuna ujeqeza ngenxa yezinsongo ozitholayo zokuthi kumele uthuthe eMlaza, uma ufuna ukuqhubeka nokudla anhlamvana.
Uthi uthola izingcingo zabantu ongabazi ezibasabisa ngokuthi kumele uthuthe, wathi uqale ukuzithola kusukela kubulewe indodana yawo. Awuvezanga ukuthi sekungamahlandla amangakhi uzithola. Kunalokho, uthi ngeke ubike emaphoyiseni ngoba abasawethembi.
Umufi, uSimanga Khumalo (29) wadutshulwa ngamadoda angaziwa esigamekweni esenzeka kwa-Q, eMlaza, emini kwabha kubuka wonke umuntu.
Isolezwe linaso isithombe sikamufi esedutshuliwe, egebise phansi ikhanda, phansi kugcwele idamu legazi.
Ngemuva kwalesi sigameko kunabesilisa ababili abakhalelwa ngamasongo kaSigonyela beyamaniswa naleli cala.
Ababoshwa ngoMnuz Siyabonga Ngubane (36) benoSithembiso Khomo (23), okuyimanje bavalelwe futhi bagqigqa eNkantolo yeMantshi yaseMlaza, njengoba banqatshelwa ibheyili.
Babhekene namacala amane. Kuwona kubalwa elokwakha itulo lokubulala, elokubulala, elokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nelokutholakala nezinhlamvu.
Umufi kwase kuphele iminyaka emibili ehamba ngesisihlalo esinamasondo kusukela adutshulwa ngo-2021, ngabasolwa ababezama ukumbamba inkunzi.
Kuthiwa kuleso sigameko bamphuca iselula, bamshaya ngenduku yegalofu base bayamdubula.
Ngemuva kwalokho kwaboshwa owesilisa osejele owesatshwayo, eyamaniswa nalesi sigameko.
Lo wesilisa kuthiwa wadonsa ngendlebe umufi ukuthi akalesule icala uma engafuni ukuthi amenzakalise.
Kusolwa ukuthi lo wesilisa osejele nguyena ungqondongqondo wetulo lokusocongwa kukamufi njengoba esolwa ngokuthumela ababulali esezikhindini.
Kuthiwa wayenengwa ukuthi umufi akalaleli, akafuni ukusula icala.
Ilungu lomndeni elikhulume neSolezwe lacela ukungadalulwa ngenxa yokwesaba, liveze ukuthi bahlaliswe lubhujozi ngabathile ababafuna behambile kuleli lokishi.
"Angeke thina size sithuthe lapha eMlaza ngoba sizwa ngabantu. Into esiyifunayo nje ukuthola iqiniso nobulungiswa mayelana nokubulawa kwelungu lethu lomndeni,'' lisho kanje.
Liqhuba, lithe njengomndeni sebeshaya amakhala ngokuthi amaphoyisa ayoke abasize ngelinye ilanga.
"Phela ngaphambi kokuba uSimanga abulawe wayeseqalile ethola izinsongo zokuthi kumele asule icala uma engafuni ukubulawa. Sawabikela amaphoyisa ngalokhu kodwa waze wabulawa uSimanga, akukho ake azama ukusisiza ngakho,'' kusho ilungu lomndeni.
Icala liyabuyela eNkantolo yeMantshi yaseMlaza namhlanje.