IKHALE ngokumosheka kwesikhathi senkantolo nangezindleko engena kuzona imantshi ngesikhathi kuhlehla icala likathisha obhekene namacala ayisithupha okudlwengula abafundi abathathu ephindelela.
Uthisha oneminyaka engu-56 owayefundisa esikoleni saseClermont, ubevele eNkantolo yeMantshi yasePinetown. Icala lakhe belizoqulwa isonto lonke.
Kodwa akubange kusaqala ukuqulwa kwecala njengoba ukugula kommeli kamsolwa, u-Advocate Andile Thusi, kuphoqe ukuba lihlehliselwe inyanga ezayo.
Ummeli uMendlula ufikile enkantolo watshela iMantshi uSimphiwe Hlophe ukuthi uthunywe ngu-Adv Thusi ukuthi azokwazisa inkantolo ukuthi uyagula angeke aze akwazi ukuqhubeka necala kuleli sonto.
Imantshi ikwamukelile lokhu kodwa yakhala ngokumosheka kwesikhathi senkantolo nangezindleko inkantolo engena kuzona ngenxa yokuhlehla kwalo.
"Angeke ilunge phela le nto uma izohamba kanjena. Phela kunemali ekhokhelwa ofakazi bakuleli cala. Namhlanje nampa bafikile kodwa icala aliqhubeki, kuzomele bakhokhelwe imali yokuphinda emuva,'' isho kanje.
Ithe ohlwini lwamacala aqhubekayo kuleli sonto kule nkantolo belibekwe eqhulwini leli, kodwa sekufanele kube nokuguquka kwaloluhlu ngenxa yokuthi sekunecala elihlehliswayo.
Umsolwa obekhona enkantolo, kuvela ukuthi waboshwa emagcekeni esikole ngo-2022.
Usolwa ngokudlwengula abafundi bamantombazane abathathu. Kuthiwa eyedwa umfundi wamdlwengula amahlandla amabili.
Ecaleni lokuqala kuvela ukuthi umsolwa wadlwengula umfundi oneminyaka engu-17 ngoMashi 16, 2021. Kuthiwa lo mfundi waphinde wamphinda futhi ngalo usuku olufanayo.
NgoJanuwari 19, 2022,, kuthiwa wadlwengula umfundi oneminyaka engu-17. Naye usolwa ngokuthi wamgila amahlandla amabili.
Ngo-2021, uthisha usolwa ngokuthi wakhumula isikhindi sakhe sangaphansi ekhombisa umfundi oneminyaka engu-17 isitho sakhe sangasese ngaphakathi emagcekeni esikole.
Ngalo lolu suku usolwa ngokuthi wanukubeza ngokocansi omunye umfundi oneminyaka engu-16.
Kuvela ukuthi abafundi wayebadlwengulela ngaphakathi emagcekeni esikole.
Umsolwa ungaphandle ngebheyili ka-R5 000 ayithola ngoMeyi ngonyaka owedlule.
Umzali womunye umfundi okuthiwa wadlwengulwa yilo thisha ukhale ngokubambezeleka kwecala.
.