MINENHLE MKHIZE
IMENENJA yesilomo sikanozinti weKaizer Chiefs, uBrilliant Khuzwayo, ichitha izinsolo zokuthi lo mdlali useyidubile iBafana Bafana.
UTim Sukazi we-Quality Talent Sports utshele Isolezwe ukuthi uKhuzwayo akasoze aliqhenyela iqembu lesizwe.
UKhuzwayo usehoxe kabili kulandelana kuBafana ngoba ekhala ngezinto zomndeni eziphuthumayo futhi eziphoqa ukuthi angalubhadi ekhempini yeqembu lesizwe. Ngenyanga edlule uhoxile ngesikhathi iBafana ilungiselela imidlalo emibili yokuhlungela ukuzibekisela indawo eNdebeni yoMhlaba eseRussia ngo-2018.
IBafana ibibhekene ne-Angola ekhaya nasekuhambeni. Lo nozinti ubizwe ngemuva kokulimala kukazakwabo u-Itumeleng Khune.
“UKhuzwayo akanayo inkinga neqembu lesizwe noma nomqeqeshi. UBra Shakes (Ephraim Mashaba) usuka kude naye. Nguyena obengumqeqeshi wakhe ngesikhathi esadlala eqenjini lesizwe lika-Under-23. UKhuzwayo uhoxe kuBafana ngemuva kokudlula emhlabeni kuka-anti wakhe ohlala KwaZulu (Natal). Ushayele ucingo imenenja yeBafana uBarney Kujane noBra Shakes ebazisa ngobekumehlele. Bobabili basiqondile isimo sakhe futhi bamnika ikhefu. Uma ebizwa ekhempeni elandelayo nakanjani uzoya. Yini nje engamenza adube iBafana? Abantu abasho njalo abafuna ukuzakhela izindaba nje ezingekho,” kusho uSukazi.
Ekuqaleni konyaka uKhuzwayo waziqhatha nolaka lukaMashaba owamsola ngokuzithwala ngesikhathi iBafana idlala kuCaf Africa Cup of Nations (Afcon) e-Equatorial Guinea.
Lokhu kwaphoqa uMashaba ukuthi amqalise ebhentshini emidlalweni emibili yokuqala yeBafana. UKhuzwayo waze wadlala kowokugcina neGhana.
“UKhuzwayo ibhola lingaphakathi kuyena. Uhlale elambele ukudlala ngaso sonke isikhathi. Akasoze enqaba ukumela izwe lakhe. Iphupho lakhe wukuyodlala phesheya futhi ukudlala eqenjini lesizwe kuyakukhulisa lokho,” kusho uSukazi.
UKhuzwayo usedlale imidlalo emihlanu eqenjini lesizwe. Ugcine ukubonakala kulona ngesikhathi libhekene ne-Angola ngoJuni 16.
Lo nozinti uthole ithuba lokudlala ngesikhathi iChiefs ibhekene ne-Orlando Pirates ngemuva kokulimala kukaKhune.
Muva nje uKhuzwayo ugile izimanga Amakhosi ethela othulini iBucs sekukhahlelwa amaphenathi emdlalweni owandulela owamanqamu eTelkom Knockout. Ngemuva komdlalo waqokwa njengomdlali ovelele.
Lo nozinti odabuka eMlazi, eThekwini, KwaZulu-Natal (KZN) uqale ukuzakhela igama ngonyaka odlule iChiefs iguqisa zona futhi eZimnyama ngo 1-0 wegoli likaTefu Mashamaite kowamanqamu weMTN 8 eMoses Mabhida Stadium. Nakulo mdlalo waqokwa njengomdlali ovelele.