UDEDELWE ngebheyili ka-R 5000 uNobhala we-ANC eThekwini, uMnuz Musa Nciki nomqaphi wakhe uMnuz Ivan Khoza, ababoshelwe izinsolo zokungahloniphi imithetho yomgwaqo. UNciki noKhoza bavele eNkantolo yeMantshi eThekwini, bathola ibheyili, icala lase lihlehlela u-Ephreli 10, ukuze kuqhubeke uphenyo.
Okhulumela abezokushushisa (NPA) KwaZulu-Natal , uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe abasolwa babhekene necala lokushayela budedengu. Uthe abakwazanga ukumisa imoto irobhothi livalile futhi bebeshayela imoto engagunyaziwe.
UNciki nomqaphi wakhe baboshwe ngoLwesithathu ebusuku, emgwaqweni uLighthouse, eMhlanga, eThekwini. Kuthiwa uNciki uzithethelele ngokuthi babone bexinwa yimoto ebingabonakali ukuthi eyamaphoyisa, bayexwaya.
UNciki waziwa ngokuba yisithenjwa sikasihlalo we-ANC, eThekwini uNkk Zandile Gumede, futhi bakhethwa kanye kanye engqungutheleni ngo-2022. UNciki enkantolo ubonakale engaxwayile, efake isikibha esiluhlaza esifake ngaphakathi nejakhethi.
UNciki ubonakale ebingelela abezindaba eseshona phansi emgodini, eyolinda kulungiswe udaba lwebheyili yakhe. UKhoza ubehamba phambili efake ishethi eliluhlaza naye engaxwayile kangako.
UNobhala we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Bheki Mtolo esitatimendeni, uthe abakwazi ukuphawula, balinde umbiko ophelele. Bathe bayezwa abezindaba bebabuza ngokuboshwa komholi wesifunda.
“Okwamanje sibona sengathi ngeke kube yinto ephusile ukuphawula ngodaba olusasetshenzwa amaphoyisa. Sizokwazi ukuphawula uma sesithole umbiko ophelele ovela kubaholi besifunda,’’ kusho UMtolo.
I-ANC inomgomo wokuthi abaholi abahamba amacala bashenxe ezikhundleni kuze kusombululwe amacala enkantolo. UMtolo akakuphathanga lokho, wathi bazobuye baphawule kahle.
IMeya yaseMngeni, uMnuz Chris Pappas, engenele umbango wesikhundla sikandunankulu iphawulile ngalolu daba. UPappas uthe bayakwemukela ukuboshwa kukaNciki. Uthe i-ANC ikhuluma ngokubuyisa isithunzi sayo ilwe nenkohlakalo kodwa ibuye iziphikise.