ABANTU abaneminyaka engu-60 kuya phezulu basenokungabaza ngokugomela igciwane leCovid-19 ngenxa yezindaba ezingezinhle ezivela ngomgomo.
Lokhu kungenye yezinto ezikhathaze uNdunankulu waseGauteng, uMnuz David Makhura, ngesikhathi evakashele isikhungo sokugoma esiseSaulsville sports arena.
Kulesi sikhungo esisha, ebesethulwa, kuthiwe kuzogoma abantu abangu-2 000 ngosuku.
Lokhu kwenzeka nje kade kunomhlangano wekomiti elibhekele uhlelo lokulwisana neCovid kulesiya sifundazwe, nokuthiwe kumele kubhekisiswe izinhlelo zokugoma.
“Namhlanje (ngoLwesine) sivakashele isikhungo sokugoma ukuze sibheke ukuthi uhlelo lwedolobha laseTshwane luhamba kanjani,” kusho uMakhura.
Uthe bafuna ukuthi isibalo sabantu abagoma ngosuku siphindeke kabili kulesi sifundazwe.
“Okwamanje sisagoma abantu abangu-53 000 ngosuku. Sifuna ukugoma 100 000 ngosuku eGauteng,” kusho uMakhura.
Uthe inhloso kahulumeni yokuqala ukugoma ukuba bathole abantu abadala kuqala.
“Sikhathazekile ngabantu abadala emphakathini abangakagomi nhlobo,” kusho uMakhura.
Uthe inhloso yabo ngokusondeza izikhungo zokugoma kulezo eziholela izibonelelo zikahulumeni wukuthi kusizakale labo abangakagomi.
Uthe ukhathazekile ngamadoda afika kancane ukuzogoma. Uncome abesifazane ukuthi bafika ngobuningi ikakhulukazi njengoba kuyinyanga yabo, u-Agasti.
Uzichithile zonke izinto ezishiwo ngomgomo ezingelona iqiniso.
“Ngingomunye wabantu abagomile ngoJulayi, ngalinda kwaze kwaba yisikhathi sami. Ngagoma, ngisaphila namanje. Yebo, ngaphathwa ikhanda kancane njengabanye abathi bake bethi libaphathile,” kusho uMakhura.
Uthe ngokwezibalo zaseGauteng, bancane abantu abadala asebefikile ukuzogoma uma ubheka ukuthi bangakanani emphakathini abantu abadala.
Uthe abajabule neze ngezibalo zabagomayo, ikakhulukazi eTshwane nase-Johannesburg.
“Sifuna ukubathola bonke abaneminyaka engu-60 kuya phezulu ngoba yibona abasengozini enkulu yokutheleleka ngeCovid-19,” kusho uMakhura.
Maduzane isikhungo saseSaulsville sports arena sizobe sesikwazi ukuthi udlule ngemoto ugome, ungazange uphume emotweni.