HALALA bafundi baka-matric 2022!
Ungqongqoshe wezeMfundo kuleli uNkk Angie Motshekga umemezele imiphumela ka-matric 2022.
Ngesikhathi ethula inkulumo yakhe, uncome kakhulu abazali ngokweseka izingane, othisha nabafundi ngokusebenza ngokuzikhandla njengoba imiphumela ibonise ukunyuka uma iqhathaniswa neyangonyaka odlule.
Kulo nyaka imiphumela ithi 81.0% kanti isifundazwe saseFree State yisona esizihola phambili. Ungqongqoshe uncome kakhulu ukuzinikela nokuzimiseka kwesifundazwe iKwaZulu-Natal okuyiyona ebonise ushintsho olukhulu imiphumela inyuka ngo6.2% yathatha indawo yesithatho ezweni lonke.
UNgqongqoshe ukhipha imiphumela nje, usuku uluqale ngesidlo sasekuseni eMosaik Church eFairland lapho ehlanganyele khona nabafundi abangu30 abaphase ngamalengiso, abazali babo nothisha bezikole ezenze kahle.
Ethula inkulumo yakhe, uncome ubuholi babazali abebeseka izingane zabo, ngisho ziphuma esandleni kodwa bazibekelela. Wabonga nabo abafundi uqobo.
“Sibonga abafundi abazinikele bafaka amahora engeziwe okufunda, bakuziba ukukhathala nokuvilapha. Sibonga nothisha abasebenze kanzima betshala okuhle kubafundi ngoba yibona abaqhakambise leli langabi lomlilo omuhle kangaka wempumelelo. Qhubekani njalo ninqobe,” kusho yena.
Ngemuva kokukhishwa kwemiphumela yezifundazwe ngokusebenza kwazo, kube sekuklonyeliswa abafundi abaphase ngamalengiso.
Abafundi abaphume phambili uKelly Grace Prowse from Rustenburg Girls High (esikoleni sikahulumeni) eWestern Cape noHusnaa Haffeje obefunda e-Al-Falaah College (isikole esizimele) KwaZuku-Natal.