Kuphelile ukuqagela ngobuholi beqembu lezepolitiki elikhankaselwa ngowayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, uMkhonto weSizwe.
UMkhonto weSizwe ukhiphe uhlu lobuholi besikhashana okuyibo obuzohola le nhlangano kuze kube kuhlala ingqungquthela yokukhetha ubuholi.
Uhlu lobuholi besikhashana lukhishwe ngoLwesithathu.
Uhlu lunamagama abaholi abangu-24 abaqokwe ukuba bahole kuzo zonke izifundazwe zakuleli kanti luqhamuka nje bese kunokudideka ngobuholi bale nhlangano ebukeka ifike kwezwakala.
Kuke kwakhona uhlu oluke lwasabalala obekuthiwa olwabaholi besikhashana kepha aboMkhonto weSizwe basheshe bakuchitha lokhu.
Kuphinde kwaba nemibiko yokuthi kunabantu abahamba bezipha izikhundla kule nhlangano.
Lokhu kwahetshezwa uZuma nomholi wesikhashana woMkhonto weSizwe, uMnuz Jabulani Khumalo.
Uhlu lwabaholi besikhashana olukhishwe aboMkhonto weSizwe alunawo amagama abaholi abadumile kwezepolitiki.
Kusukela uZuma amemezela ukuthi weseka uMkhonto weSizwe, le nhlangano ibilokhu iyamaniswa nabaholi abanohlonze obekuqagelwa ukuthi bajoyinile noma bazojoyina kepha awekho amagama adonsa amehlo ohlwini oluqokwe ukuba luhole uMkhonto weSizwe ezifundazweni.
Abaqokwe ukuba bahole uMkhonto weSizwe KwaZulu-Natal, uMnuz Irvin Serame, Bheki Manzini, Simphiwe Mpungose noJJ Madonsela.
KwaZulu-Natal ikhona lapho kuqokwe khona abaholi abaningi njengoba kwezinye izifundazwe kuqokwe abantu ababili ukuba bahole.
AboMkhonto weSizwe bathe isizathu sokuqokwa kwabaholi abaningi ukuba bahole KwaZulu-Natal ingoba lesi sifundazwe sinabantu abaningi ababhalisele ukuvota.
EGauteng kuqokwe uMnuz Moses Makhaza noThabang Nkani.
Okhulumela uMkhonto weSizwe, uMnuz Nhlamulo Ndlela, unxuse amalungu eqembu ukuba emukele ubuholi besikhashana.
UNdlela uthe amalungu eqembu azokwaziswa uma kunezinguquko ebuholini.
“Uma kunesidingo sokuthi sandise abaholi, ihhovisi likanobhala jikelele obambile lizonazisa ngokuqokwa kwabanye abaholi. Okwamanje sinxusa ukuba nisebenze nalobu buholi obumenyezelwe.”
UMkhonto weSizwe uzongenela ukhetho lwawo wokuqala ngonyaka ozayo.
Kunokwesabela ukuthi kungenzeka kube nodlame phakathi kwamalungu oMkhonto weSizwe nawe-ANC.
Abaholi balezi zinhlangano sebeke bajikijelana ngamazwi.
UNdlela unxuse amalungu oMkhonto weSizwe ukuba aziphathe kahle uma esekhankasela ukhetho.
“Sinxusa amalungu enhlangano ukuba azithibe njengoba ephezu kombhidlango wokukhankasela uMkhonto weSizwe.”
Ingqungquthela yokukhetha ubuholi boMkhonto weSizwe izokuba semva kokhetho oluzayo.