UGWETSHWE kanzima owesimame owathengela inkosikazi yesoka izinkabi.
INkantolo eNkulu eBhisho igwebe abasolwa abahlanu abalahlwe ngamacala okubulala.
UNomvula Zondwa (57), oyiphoyisa eselithathe umhlalaphansi, isangoma esinguThamsanqa Hlamandana (32) nezinkabi, uLwando Lengesi (32), Ayabulela Mahokoto (27) noNkosinathi Junior George (24) balahlwe ngamacala okubulala uCingiswa Mila, nomamezala wakhe ongunkosikazi walowo owayenguKhomishana wamaPhoyisa e-Eastern Cape, uBoniswa Toba.
Bonke bagwetshwe udilikajele ngalawa macala, kwengezwa iminyaka engu-22 inkabi ngayinye yize isigwebo sonke sizohlanganiswa.
Ubufakazi obethulwe enkantolo buveza ukuthi uZondwa nguyena owahlela umsebenzi wokubulala unkosikazi kaMnuz Mandla Toba owayeyisoka lakhe lakudala. Kuthiwa uZondwa wayeneminyaka ethandana noToba kodwa eseganwa, uToba wathatha uCingiswa esathandana noZondwa.
“UZondwa wahlangana nesangoma esamtholela izinkabi ukuze kubulawe lo makoti. Ngo-Ephreli 11, 2020 izinkabi zaya emzini kaToba oseCeletyuma, ePeddie, lapho okwakuhlala khona umufi. Izinkabi ezimbili, eyodwa yasala emotweni, zafike zabopha abagilwa ngaphambi kokubagwaza bababulale. Bantshontsha izinto ezincane endlini, bashiya isisefo esasinesibhamu nemali,” kusho uLuxolo Tyali okhulumela iNPA e-Eastern Cape.
Ngesikhathi begwetshwa, inkantolo ithole ukuthi laba benza isenzo esibi ngokubulala isalukazi nokuyinto okwakungavunyelwene ngayo kodwa bakwenza ngoba besaba ukuthi sizobakhomba.
Kuthiwa izinkabi zafuna imali eyengeziwe kubaqashi bazo ngokubulala lesi salukazi.
Ngo-Ephreli 13, 2020 uZondwa wakhokha imali engango-R73 000 kwi-akhawunti kaHlamandana okunguyena owacazela izinkabi ngokuhlukana kwazo.