UGCWELE amathafa owesilisa okuthiwa ubanjwe oqotsheni edlwengula edlwengula indodakazi yakhe eneminyaka emihlanu, oThongathi ngeSonto ebusuku.
Kuthiwa owesilisa ubanjwe ngunina wengane okuthiwa ubelele nayo ngesikhathi ephaphamela kuyise eyenzakalisa. Abenkampani yonogada, iReaction Unit South Africa (Rusa) babike ukuthi bathole ucingo kukhona abacela usizo ngezithuba zawo 10.14 ngeSonto ebusuku.
Ngesikhathi befika, unina wengane (37) udalule ukuthi ngenkathi elele endlini yakhe kufike uyise wezingane zakhe edle amanzi amponjwana.
Uthe owesilisa ubafice belele embhedeni nezingane zakhe ezimbili, okungumgilwa newele lakhe, okuyilapho ephaphame khona wazithela kumsolwa edlwengula indodakazi yakhe.
Okhulumela abeRusa, uMnuz Prem Balram, uthe owesifazane uveze ukuthi uzamile ukususa owesilisa phezu kwengane, nokuyilapho eqale khona ukumshaya.
“Kuvela ukuthi owesilisa ube esebalekela endaweni engaziwa emva kokuthi owesifazane eshaye izingcingo ecela usizo. Okuthe uma engalutholi washayela uthisha wesikole sendodakazi yakhe, okunguye oxhumane neRusa ukuze athole usizo,” kuchaza uBalram.
Uthe unina nendodakazi badluliselwe esiteshini samaphoyisa oThongathi ukuyovula icala
.Okhulumela amaphoyisa KwaZuluNatal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe amaphoyisa ayasiqinisekisa isigameko esenzeke ngo-Okthoba 9, 2022 ebusuku, lapho intombazane eneminyaka emihlanu ubudala kuvela ukuthi idlwengulwe ngumsolwa owaziwayo.
“Icala livulwe esiteshini samaphoyisa oThongathi. Idokodo lidluliselwe ophikweni oluphenya ngodlame lomndeni, ukuvikelwa kwezingane namacala ocansi ePhoenix, ukuze kuqhutshekwe nophenyo,” kuchaza uLt Col Gwala.