UZWAKALISE ukugculiseka umphakathi owakhele indawo yokulahla udoti esavaliwe eBuffelsdraai, eVerulam, kulandela umhlangano obenawo neMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda.
Ilungu lomphakathi uNksz Vama Mbonambi, uthe kubajabulisile ukuthi uKaunda abuye eze empakathini nezimpendulo azithembisayo.
Uthe batshelwe ukuthi emva kwezinyanga ezimbalwa ezizayo le ndawo yokulahla udoti evalwe ngoJulayi, kulandela uthuthuva phakathi kwabebeqoqa udoti khona nongada abayigadayo, izovulwa.
Sigculisekile. Zonke izicelo zethu ubuye nazo izimpendulo zazo. Sasikhulume kakhulu ngendawo yokulahla udoti, sezwakalisa ukungenami ngokuvalwa kwayo. Uthe izovulwa emva kwezinyanga eziyisithupha kodwa kuzosungulwa uhlelo oluthize lokuthi abaqoqa udoti kuyo bazokwenza kanjani lokho,” kusho uNksz Mbonambi.
Uthe bayajabula ngokuthi ivulwe ngoba baningi ebebeziphilisa ngayo.
Esitatimendeni esithunyelelwe abezindaba, uKaunda uthe umkhandlu usuqalise uhlelo lokuthatha imininingwane yabo bonke ebebeqoqa udoti kule ndawo.
UKaunda uthe lolu hlelo luzongena ngaphansi kohlelo yokugaywa kabusha kwempahla elahliwe oluzoqala ezinyangeni eziyisithupha ezizayo.
Uthe umkhandlu umatasa uxoxa nezinkampani ezizimele ozobambisana nazo uma sekuqala uhlelo.
Okunye athe kuyabajbulisa ukuthi lolu hlelo luzoqinisekisa ukuthi indawo yaseBuffelsdraai, ihlala ihlanzekile, lubuye luqiniseke nokuthi udoti awulahlwa noma ikuphi.
“Abantu abasha abangu-40 bazoqashwa isikhathi esiyizinyanga ezintathu ukuthi bahlanze le ndawo, baqinisekise ukuthi akulahlwa udoti endaweni engafanele,” kusho uKaunda.
Uveze nokuthi labo abangasazimisele ukuzibandakanya ekuqoqeni udoti olahliwe ukuze baziphilise, bona bazofakwa ngaphansi kohlelo lwezinhlangano zomphakathi (cooperatives) zokutshala.
Ubuye waveza nokuthi udaba lwabantu abangenamakhaya olwaluphakanyiswe umphakathi emhlanganweni wangoJulayi, nalo luyalungiswa. Uthe bangu-22 abantu abangenamakhaya abafakwe ngaphansi kohlelo lokuhlunyeleliswa ezikhungweni ezehlukene zezempilo.
“Bazothi uma beqeda lapho bese becijwa ngamakhono ehlukene angaphansi komkhandlu,” kuchaza uKaunda.
UKaunda uphinde waveza ukuthi labo abaneziqu bazofakwa ohlelweni lukamasipala lokulungiselwa ukusebenza kanti bazothola imali yokuthi bafinyelele kulolu hlelo njalo ngenyanga.
“Sibuye sahlonza abantu abasha abayeke ukufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme kanti bazolekelelwa ukuthi bathole uxhaso ukuze baqhubeke nezifundo zabo. Sifisa ukuncoma uMnyango wokuThuthukiswa koMphakathi ngokuthi ube yingxenye yokulekelela imindeni eswele ngokuthi ukhiphe ama-voucher okudla,” kusho uKaunda.
Uthe uMnyango wezaseKhaya nawo ubambisane nomasipala ukulekelela amalungu omphakathi angenabo omazisi kanye nezitifiketi zokuzalwa.
Izinkinga endaweni elahla udoti kule ndawo ziqale ngoJulayi ngesikhathi onogada bedubula bebulala omunye wabebeqoqa udoti ukuziphilisa.
Kuleso sigameko kwalimala nabanye abangaphezu kuka-15, nabo bedutshulwa.
Abaqoqa udoti bavuka umbhejazana balimaza impahla yomkhandlu esemahhovisini akule ndawo nokwaholela ekutheni ivalwe lendawo.